Isolezwe

Umsindo uDSD esusana noNgizwe

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUVELE kwashuba emcimbini ngesikhath­i kujikijela­na ngamazwi umsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu nomculi kamaskandi uKhangelan­i “DSD” Mhlongo.

Uthuthuva lususwe wukuthi uDSD asole uNgizwe ngokufihla iCD yakhe emcimbini wokuvala unyaka obuseStang­er, owaziwa ngeMTN Maskandi Song of theYear, ngeSonto.

Kulo mcimbi kuthiwa uDSD, ungene engasadle nkobe zamuntu esiteji nala eqale khona wacula ingoma eyodwa ngemuva kwalokho wabhekana ngqo noNgizwe.

Umthombo ongashayi eceleni obukhona kulo mcimbi uthe, uDSD akwenzile bekungalin­delekile.

“Noma ngingazi ukuthi ubezoqala nini ukudlala kodwa uthe nje engena ubumbona ukuthi kukhona okumshisay­o.

“Eqeda ingoma ubingelele izihambeli wazitshela ukuthi udinwe uyafa.

“Ube eseqhubeka ebuza abantu ukuthi ngabe bayafuna yini ukwazi ukuthi yini emdinile,” kuchaza yena.

Umthombo uthe ube esetshela abantu ukuthi ngabe kudala engenile manje kukhona abafihle iCD abezocula ngayo. “Uvele wathi oNgizwe bafihle iCD yakhe. Usho kwagcwala umlomo ukuthi vele kade abona ukuthi uNgizwe akamfuni yingakho efihle iCD yakhe.

“Wonke umuntu obekhona ubecabanga ukuthi uDSD uyancokola kodwa ngendlela abesho ngayo kugcine kucaca ukuthi uqinisile futhi udiniwe,” kuchaza yena.

Uthe uNgizwe naye ugcine ephendula ngawo umbhobho ekhuza uDSD ukuthi yena akazani naCD.

“Ngesikhath­i eqeda ukukhuluma la mazwi ube esenxusa uDJ ukuthi adlale ingoma. Kodwa uNgizwe ubelokhu eqhubeka emtshela ukuthi akuyena odlala ingoma ungumphath­i wohlelo kuphela. Naye ubekusho lokhu esediniwe,” kuchaza umthombo.

Uthe yize engezwanga omunye ethuka omunye kodwa kukhona abathi laba bagcine bechaphana ngenhlamba.

“Angizwanga nhlamba yamuntu. Abanye bathi laba bathukene kodwa mina angikuzwan­ga lokho.

“UNgizwe ugcine ehambile washiya phansi ukuphatha uhlelo olugcine seluphethw­e nguBheka Mchunu yedwa,” kuchaza yena.

Uthe ngisho uBK ngemuva kwalesi sigameko uzwakalise ukungenami ngendlela okwenzeke ngayo.

Imizamo yokuthola uNgizwe naye uDSD ayiphumele­langa njengoba izingcingo zabo bezivalilw­e zingemukel­i ngisho imiyalezo.

Kulo mcimbi umculi kamskandi uBahubhe udle umhlangani­so njengoba ewine imoto ewuhlobo lweFortune­r, njengoba kunguye umculi ovotelwe kakhulu.

 ??  ?? UNGIZWE MCHUNU
UNGIZWE MCHUNU
 ??  ?? UKHANGELAN­I “DSD” Mhlongo
UKHANGELAN­I “DSD” Mhlongo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa