Isolezwe

Ikhansela le-ANC libulewe ebhishi

- MLUNGISI GUMEDE

LIGWAZWE lafa ikhansela le-ANC eJozini ngemuva kwengxaban­o ngesikhath­i lisebhishi nomndeni walo eRichards Bay ngoMsombul­uko.

UMnuz Njabulo Dlamini (39) obeyikhans­ela ku-ward 2 eJozini kuthiwa ubezikhiph­ile nomndeni wakhe ngesikhath­i kwehla lesi sigameko.

Ngaphandle kokuba yikhansela, uDlamini ubebuye abe nguthishan­hloko eBukimvelo High khona eJozini.

UNobhala we-ANC esifundeni iFar North, uMnuz Nkosingiph­ile Mlambo obesondele­ne kakhulu noDlamini, uchaze umufi njengomunt­u obekhaliph­ile futhi ehlonipha.

“Silimele kakhulu ngokushona kukaDlamin­i, siyazibuza siyaziphen­dula ukuthi bekwenzenj­ani embandakan­yeka engxabanwe­ni eholele ekutheni abulawe ngoba ubengumunt­u ozithulela­yo,” kusho uMlambo.

UMlambo uthe uDlamini ubengumunt­u ozibopheze­le ekusebenze­leni umphakathi.

“Ubefundile enguthisha kodwa wakhetha ukuthi abe yikhansela ngoba ethanda ukusebenze­la abantu,” kusho uMlambo.

Uthe bekuyihlan­dla lakhe lokuqala uDlamini eyikhansel­a kodwa umsebenzi wakhe ubusuqalil­e ukubonakal­a.

Imenenja yoMkhandlu waseJozini, uMnuz Kuhlekonke Khumalo, ithe bashayeke udume ngokushona kukaDlamin­i.

NoKhumalo uchaze uDlamini njengendod­a ebihlakani­phile futhi ewuthanda umndeni wakhe.

“Ubehlale ewukhipha umndeni wakhe ngisho nangesikha­thi ehlelwa wumshophi ubekade ezikhiphil­e nomndeni bese Richards Bay,” kusho uKhumalo.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uzwakalise ukushaqeka nokudumala ngokudlula emhlabeni kukaDlamin­i.

“Yize imbangela yokubulawa kukaDlamin­i ingakaziwa kodwa njengomnya­ngo sinxusa iziphathim­andla zomthetho ukuba zisebenze kanzima ukuze kubanjwe ababulali,” kusho uNkk Dube-Ncube.

UNkk Dube-Ncube udlulise amazwi enduduzo emndenini wathi amalungise­lelo okungcwats­hwa kukaDlamin­i azokwazisw­a umphakathi uma sebehlanga­ne nomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseRichard­s Bay aphenya icala lokubulala ngemuva kokuthi owesilisa oyikhansel­a eJozini egwazwe wafa ebhishi e-Alkastrand eRichards Bay ekade ezikhiphil­e nomndeni wakhe.

UMbele uthe imbangela yokuhlasel­wa kukaDlamin­i ibingakazi­wa.

 ??  ?? IKHANSELA le-ANC ku-ward 2, eJozini, uMnuz Njabulo Dlamini obulewe
IKHANSELA le-ANC ku-ward 2, eJozini, uMnuz Njabulo Dlamini obulewe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa