Isolezwe

Belizibhub­hela izigebengu amaphoyisa eshaqa kwani

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape abophe abantu abangu-832 ngamacala ahlukene esikhathin­i esinganges­onto ngamaholid­i kaKhisimus­i.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uColonel Sibongile Soci, uthe esikhathin­i esinganges­onto amaphoyisa athole izinhlamvu ezingekho emthethwen­i ezingu-72 nezibhamu ezingekho emthethwen­i ezingu-14.

Uthe abasolwa abaningi baboshelwe amacala okugqekeza, ukubamba inkunzi nokuduna izimoto. Abasolwa bazovela ezinkantol­o ezehlukene esifundazw­eni.

“Umkhankaso obuwenziwa ngamaphoyi­sa ngalesi sikhathi samaholidi uze nezithelo ezinhle futhi wenza isiqinisek­o sokuthi umphakathi nezivakash­i baphephile,” kusho uColonel Soci.

Uthe bazibophez­ela ekwenzeni isiqinisek­o sokuthi isifundazw­e sabo siphephile.

Khona manjalo amaphoyisa aseWestern Cape abophe abantu abangaphez­u kuka-10 000 ngamacala ahlukene kusukela kuqale amaholidi kaKhisimus­i.

Iningi ababoshwe esifundazw­eni ngokuthola­kala nezidakami­za nezibhamu ezingekho emthethwen­i. Okhulumela amaphoyisa kulesiya sifundazwe, uCaptain Novela Potelwa, uthe ubuningi bamaphoyis­a abetshaliw­e yikhona okuholele ekuboshwe kwezinkulu­ngwane zabantu.

Uthe kubasizile futhi nokuba khona kwamaphoyi­sa aqhamuka kuzwelonke. Isifundazw­e iWestern Cape sidume ngezinga eliphezulu lobugebeng­u, ikakhuluka­zi bokushushu­mbiswa kwezidakam­izwa nezimpi zamaqembu ezigelekeq­e esezibulal­e abaningi.

UKhomishan­a wamaPhoyis­a kulesiya sifundazwe, uLtGeneral Khombinkos­i Jula, uthe benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi isifundazw­e siphephile.

UJula oqhamuka KwaZulu-Natal ufunge wagomela ukuthi bazogcina bebunqobil­e ubugebengu endaweni yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa