Uvele enkantolo umlimi ‘obulale’ kuthunwa
UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMshwathi umlimi waseCramond okuthiwa udubule wabulala umhlali wasepulazini bebanga ukungcwaba isihlobo sakhe epulazini lakhe.
UMnuz Clive Solomon odume ngelikaMahewu (66) uvele kafushane enkantolo izolo, icala lahlehliselwa uLwesibili oluzayo.
USolomon usolwa ngokudubula uMnuz Mothi Ngubane (42) ngoMgqibelo emngcwabeni welungu lomndeni wakwaLembede abehlala nawo.
USolomon kuthiwa wafika kunomndeni wakwaLembede, uvele uhlala e-Ottos Bluff Farm ngesikhathi elithenga ngeminyaka ka-1990. Ngo-2000 kwashona umama walo mndeni, umlimi esanda kuthenga leli pulazi. Kuthiwa wafika watshela lo mndeni ukuthi ungalokothi ungcwabe epulazini lakhe, wahlehla umngcwabo. Umndeni wagcina ungcwabe ngolunye usuku sewuqashwe ngamaphoyisa.
NgoMgqibelo bekushone indodana yakulo mndeni, kuthiwa ufike ibhokisi selifakiwe emgodini, kunelungu lomndeni ebelifaka izingodo ethuneni, watshela abebesemngcwabeni ukuthi abahambe ngoba akafuni muntu ozongcwatshwa epulazini lakhe.
Umthombo weSolezwe owawukhona epulazini ongathandanga ukudalulwa ngoba wesaba ukuthi nawo ungase uhlukunyezwe uthe: “UMahewu wayefuna ukudubula umuntu owayesemgodini efaka izingodo. Wakhomba isibhamu khona emgodini, waphazanyiswa umufi owaphebeza isibhamu, inhlamvu yangabe isafinyelela lapho kade iqonde khona. Wadinwa wathelwa ngamanzi wabamba umufi ikhanda, walifaka phansi kwekhwapha lakhe wamdubula kathathu, kwesingenhla, emqaleni nasengalweni , waqeda wangena emotweni wabaleka. Umufi ushone khona lapho. Abantu bahlakazeka kodwa babuye baqhubeka nokugqiba,” kusho yena.
UMnuz Gcino Shabalala weLandless People Movement eMidlands uthe isigameko esinjengalesi siphazamisa izinhlelo zokugqugquzela ukuthula phakathi kwabahlala emapulazini nabalimi abamhlophe.
“Njengamanje sinezinhlelo eziqhubekayo zokudala uxolo nokusebenzisana, ukuze kube nokuthula emapulazini. Uma sekuzoqhamuka isigameko esinjengalesi kuzoholela ekutheni abahlala emapulazini nabo badikibale. Abalimi abamhlophe banakho ukuthi banqabele abahlala emapulazini ukuthi bangcwabe kodwa kuyangcwatshwa ngoba awukho umthetho obavunayo. Lo mlimi kusho ukuthi ubefuna ukwenza into ezokwenza ukuthi noma ngubani oshonelwe kuleli pulazi acabange kaningi uma sekumele angcwabe,” kusho uShabalala.
Uqhube wathi: “Umlimi uyena owasuka emzini wakhe wayochukuluza abantu abashonelwe ebakhomba ngesibhamu, ethi abayeke ukungcwaba.
Kwakufanele umndeni wenze njani? Ukhiphe ibhokisi selisemgodini uliphindisele emakhazeni? Umlimi wayesiyisaphi sibhamu emngcwabeni? Wayevele enenhloso yokususa uthuthuva ngaso,” kusho uShabalala.