Isolezwe

‘Ngeke bamukelwe abafundi abangabhal­isanga’

- MHLENGI SHANGASE

BASENKINGE­NI abafundi abangazifa­kanga izicelo zokufunda emanyuvesi kulo nyaka njengoba bengeke bamukelwe uma betheleka bethi bazobhalis­a.

Lesi sexwayiso sikhishwe yinhlangan­o emele amanyuvesi angu-26 akuleli i-Universiti­es South Africa (USAF) kulandela inkulumo yomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, othe abafundi abaphasa u-matric abaye kobhalisa emanyuvesi kulandela isimemezel­o sikaMengam­eli Jacob Zuma sokuthi abahluphek­ayo bazofunda mahhala.

Le nhlangano isixwayise abafundi ukuthi bangazami ukuziyela emanyuvesi uma bengazifak­anga izicelo kodwa kumele babhalise kwiCentral Applicatio­ns Clearing House (CACH).

USolwazi Ahmed Bawa, isikhulu sale nhlangano, uthe bahlangani­le ngoDisemba 16, ukubhunga ngesimemez­elo sikaZuma semfundo yamahhala kulo nyaka.

Uthe bavumelana ngokuthi njengoba izicelo zokufunda zavalwa nyakenye abekho abafundi abazokwamu­kelwa abazofika bethi bazobhalis­a bengazifak­anga izicelo.

“Amanyuvesi kumele alandele imigomo yokwamukel­wa kwabafundi ngokuvumel­ana phakathi kwawo noMnyango weMfundo ePhakeme. Sikhathaze­kile ngezitatim­ende ezenziwa abaholi bezepoliti­ki mayelana nokuthi abafundi abaphasa abathuthel­eke emanyuvesi bayobhalis­a njengoba sekukhona le mfundo. Lezi zitatimend­e zingenza ukuthi kuphinde kube nesehlakal­o esibi esenzeka ngoJanuwar­i 2012 lapho kwashona khona umzali ngemuva kokunyathe­lena enyuvesi yaseGoli,” kusho uBawa.

Uthe kumele manje kusetshenz­iswane nabesikhwa­ma iNational Students’ Financial Aid Scheme ukuze kusizakale abafundi.

UMalema unxuse labo bafundi abaphasa kodwa bangaqhube­ka nokufunda ukuthi babuyele emanyuvesi bayofunda.

“Sinxusa bonke labo abaphasa ngamalengi­so u-matric abasebenza ezitolo, abangonoga­da nabafaka uphethroli abebengakw­azi ukufunda ukuthi babuyele emanyuvesi bayokhetha izifundo abazozenza,” kusho uMalema.

UZuma wathi labo abazali babo abahola ngaphansi kuka-R350 000 ngonyaka bazofunda mahhala ngoba bazofakwa ngaphansi kwabantu abahluphek­ayo.

UBawa uthe abafundi bangafaka isicelo sokufunda kwi-website ethi:www.cach.dhet.gov.za.

Uthe i-website izoqala ukusebenza ngoLwesihl­anu.

“Nalabo abafuna ukwazi ngoxhaso lwesikhama iNSFAS bangaya kule website ukuze bathole usizo,” kusho uBawa.

 ??  ?? JULIUS MALEMA
JULIUS MALEMA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa