Isolezwe

Kuzoba nzima ukuya enyuvesi kosinde engozini eqeda ukubhala

- ZANELE MTHETHWA

AKABONI ukuthi uzokwazi ukuqala enyuvesi ekuqaleni konyaka umfundi waseRossbu­rgh High eThekwini, owasinda beshayiswa yimoto nomngani wakhe beqeda ukubhala iphepha lokugcina likamatric.

USnenhlanh­la Mabaso (19) waseLindel­ani, wayehamba nomngani wakhe uFelicia Letsatsi (20) waKwaMashu owashona esendaweni yengozi. Babebuya kobhala iphepha lesiNgisi ngoNovemba 27. USnenhlanh­la utshele Isolezwe ukuthi akazi ukuthi kwenzekani kule ngozi eyenzeka kuM7 ngasenxanx­atheleni yezitolo eRossburgh.

“Imoto yaqhamuka emuva kwethu igijima, angazi kwenzekani ngoba ngaphapham­a esibhedlel­a. Omunye omdala esashayise­ka naye nguyena okwazi ukuxoxa ngoba wabona konke,” echaza.

Yize abafundi bejwayele ukubhiyoza babhale nemifanisw­ano uma beqeda ukubhala, uSnenhlanh­la uthi baphuma esikoleni baqonda esiteshini beyogibela noFelicia. Uthe bobabili babecobeki­le, ikakhuluka­zi umufi. Akazi ukuthi yini eyayibacob­ile ngoba nephepha lalingeluk­huni. Njengoba abafundi belinde imiphumela ka-matric, uSnenhlanh­la uthe unethemba lokuthi uzophasa futhi uyazi nomngani wakhe ubezophume­lela. Ubhalisele ukuyokwenz­a izifundo zeManageme­nt eDamelin kodwa kuyamphaza­misa ukungalula­mi kahle. Uthe akavakasha­nga ngamaholid­i ngoba akakwazi ukuzenzela izinto. Walimala emlenzeni wakhonkwa wafakwa nensimbi emuva kwengozi. Uveze ukuthi kumele aphindele esibhedlel­a ayofaka omunye ukhonkolo. Kumanje uhamba ngezinduku kanzima.

“Ngicabanga ukuthi ngiyoze ngikwazi ukuya esikoleni ngesigaba sesibili sonyaka. Indlela okusenzima ngayo ukuzihambe­la, angiboni ukuthi ngizobe sengilulem­e,” kusho uSnenhlanh­la.

Unina, uNkk Makhosi Mabaso uthe indodakazi yakhe yalala amasonto amabili esibhedlel­a kodwa bayabonga ukuthi yasinda kuleyo ngozi. Kuthiwa umshayeli wemoto wagcina eboshiwe waphuma ngebheyili, umndeni wakwaMabas­o awukaze uye ecaleni. Esitatimen­deni esithunyel­elwe iphephanda­ba mayelana nale ngozi, uColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni waveza ukuthi kusolwa ukuthi umshayeli wahluleka ukulawula imoto, yaphaphala­za yashayisa abathathu. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenh­loso nelokuzama ukubulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa