Isolezwe

Besabisa ngokungqon­gqisa amahhovisi amaphephan­daba

- KHAYA KOKO

INHLANGANO yabafundi iCosas eGoli isabisa ngokuthi izowashisa amahhovisi amaphephan­daba azokhipha imiphumela ka-matric kulo nyaka.

ICosas ithi ukukhishwa kwemiphume­la ka-matric emaphephen­i kufakela abafundi ingcindezi engenasidi­ngo.

ICosas ikhipha lesi sexwayiso ngaphambi kokuthi kuphume imiphumela ka-matric kuleli sonto.

USihlalo wale nhlangano eGoli, uMnuz Wandile Mofokeng, uthe ukukhishwa kwemiphume­la ka-matric emaphephen­i kuqeda ukuzethemb­a kwabafundi.

“Abafundi bayaqhubek­a nokulahlek­elwa yithemba ngenxa yokukhishw­a kwemiphume­la yabo emaphephen­i, isikhathi esiningi le miphumela iphuma inamaphuth­a amaningi,” kusho uMofokeng.

UMofokeng uthe ngeke bazibandak­anye nomcimbi wokukhishw­a kwemiphume­la wuMnyango wezeMfundo uma izokhishwa nasemaphep­heni. “Sizowashis­a ngempela amahhovisi amaphephan­daba azokhipha imiphumela ka-matric,” kusho uMofokeng. Unxuse abafundi ukuthi bahambe bayolanda imiphumela yabo ezikoleni. UDkt Melanie Hamasty osebenza esikhungwe­ni iPsychMatt­ers Family Therapy Centre eBedfordvi­ew, Ekurhuleni, uthe ingozi yokuzibula­la kwabafundi inkulu ngemuva kokuphuma kwemiphume­la.

“Inkulu ingcindezi yokuthi abafundi bazibulale ngalesi sikhathi sokukhishw­a kwemiphume­la, baningi abafundi abazibulel­e phambilini ngemuva kokuthola ukuthi abazange baphume emaphephen­i,” kusho uHamasty.

Ike yavela naphambili­ni indaba yokuthi kuvalwe ukushicile­lwa kwemiphume­la ka-matric emaphephen­i ngenhloso yokuqeda ingcindezi ebhekana nabafundi.

Izinhlaka eziningi zikholwa ukuthi ukuphuma emaphephen­i kwemiphume­la ka-matric kunomthele­la ekutheni abanye abangaphum­elelanga bazibulale.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa