Kufunwa ikhehla eliduke ngoDisemba
UDIDEKILE umndeni wekhehla laKwaMbonambi eliduke ngaphambi kukaKhisimusi.
UMnuz Bonginkosi Khomo (70) waseNkwathini, KwaMbonambi, kuthiwa wagcinwa engqongqoza endlini elala izingane zikadadewabo, ngo-5 ekuseni, ngoDisemba 21. Waphazanyiswa ngumuntu othile owamxoxisa ngemuva kwalokho akwaziwa ukuthi washonaphi.
Indodana kaKhomo, uMnuz Thabani Khomo, uthe ngokuzwa kwakhe uyise wangqongqozela omunye umzala wakhe owayesalele. Uthe engakaphenduli, wamuzwa esekhuluma nomunye umuntu egcekeni.
“Wabezwa belokhu bexoxa ngemuva kwemizuzu engu-15 wezwa sekuthulekile waphuma ebheka ukuthi usekhona yini. Wangabe esambona, wavusa abanye bahamba bebheka phansi belandela lapho kade enyathela khona baze bafika emgwaqweni omkhulu oyitiyela. Ababange besazi ukuthi ngabe ushone ngakuphi,” kusho yena.
Indodana kaKhomo ithe uyise sekungokwesithathu ehamba kungaziwa ukuthi uyaphi.
“Ngaphambi kwalokhu walahleka esuka eThekwini eya khona kwaMbonambi, esikhundleni sokuthi aye ekhaya wagibela itekisi eya kwesinye isigodi. Ngokulandelayo wahamba waya emanxiweni esabe sakhe kuwo kwesaKwaMthethwa watholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili,” kusho yena.
Akwaziwa ukuthi uKhomo wayegqokeni ngesikhathi elahleka kodwa kuthiwa uke wabonakala emgwaqweni oya eRichards Bay Minerals.
Abambonayo kucelwa bathinte uSgt Zondi esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi ku:035 5801 222 noma bathinte uThabani ku-081 0135 174.