Isolezwe

Kufunwa ikhehla eliduke ngoDisemba

- PHILI MJOLI

UDIDEKILE umndeni wekhehla laKwaMbona­mbi eliduke ngaphambi kukaKhisim­usi.

UMnuz Bonginkosi Khomo (70) waseNkwath­ini, KwaMbonamb­i, kuthiwa wagcinwa engqongqoz­a endlini elala izingane zikadadewa­bo, ngo-5 ekuseni, ngoDisemba 21. Waphazanyi­swa ngumuntu othile owamxoxisa ngemuva kwalokho akwaziwa ukuthi washonaphi.

Indodana kaKhomo, uMnuz Thabani Khomo, uthe ngokuzwa kwakhe uyise wangqongqo­zela omunye umzala wakhe owayesalel­e. Uthe engakaphen­duli, wamuzwa esekhuluma nomunye umuntu egcekeni.

“Wabezwa belokhu bexoxa ngemuva kwemizuzu engu-15 wezwa sekuthulek­ile waphuma ebheka ukuthi usekhona yini. Wangabe esambona, wavusa abanye bahamba bebheka phansi belandela lapho kade enyathela khona baze bafika emgwaqweni omkhulu oyitiyela. Ababange besazi ukuthi ngabe ushone ngakuphi,” kusho yena.

Indodana kaKhomo ithe uyise sekungokwe­sithathu ehamba kungaziwa ukuthi uyaphi.

“Ngaphambi kwalokhu walahleka esuka eThekwini eya khona kwaMbonamb­i, esikhundle­ni sokuthi aye ekhaya wagibela itekisi eya kwesinye isigodi. Ngokulande­layo wahamba waya emanxiweni esabe sakhe kuwo kwesaKwaMt­hethwa watholakal­a ngemuva kwezinsuku ezimbili,” kusho yena.

Akwaziwa ukuthi uKhomo wayegqoken­i ngesikhath­i elahleka kodwa kuthiwa uke wabonakala emgwaqweni oya eRichards Bay Minerals.

Abambonayo kucelwa bathinte uSgt Zondi esiteshini samaphoyis­a KwaMbonamb­i ku:035 5801 222 noma bathinte uThabani ku-081 0135 174.

 ??  ??
 ??  ?? BONGINKOSI KHOMO
BONGINKOSI KHOMO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa