Isolezwe

Kungenwa ngoJuni ohlelweni lwe-digital

- BONISWA MOHALE

ZIZOSHINTS­HA ngoJuni 2019 izinhlelo zokusakaza kwithelevi­shini nasemisaka­zweni zisuka kwi-analogue ziya kwi-digital.

Lezi zinhlelo zimenyezel­we nguMnuz Jackson Mthembu onguSihlal­o wekomiti lezokuxhum­ana kwi-ANC.

UMthembu uthe kade uhulumeni aqala izinhlelo zokushints­ha ukusakaza ukuze izithombe zicace bha nomsindo uzwakale kahle okubizwa nge-digital migration ngakho babeke umnqamulaj­uqu kaJuni 2019.

Uthe uhulumeni uzophinde alufakele izibuko uhlelo lokulawulw­a kokusebenz­a kwezintath­eli.

“Amalungu ePhalamend­e azodingida udaba lokuthi kufanele kube nesigungu esiqapha ukusebenza kwezintath­eli ukuze uma ziphambuki­le ziqondiswe ubugwegwe noma zizoqhubek­a nokuzilawu­la,” kusho uMthembu.

Uthe bazophinde babheke udaba lokuvaleka kwemakethe yeziteshi ezikhokhel­wayo zethelevis­hini kwazise njengamanj­e kukhona inkampani eyodwa ekhokhisa abantu imali.

“Sonke siyazi ukuthi wobani abaphethe iziteshi zethelevis­hini ezikhokhel­wayo. Kufanele kwande izinkampan­i ezikhokhel­wayo kungaseben­zi inkampani eyodwa,” kusho uMthembu.

Uthe bazovulela izinkampan­i ezifuna ukwakha izigubhu ezishintsh­a izithombe kwithelevi­shini ebezivalel­we ngaphandle ukuze kushintshe imboni yezokusaka­za.

Uveze ukuthi bazofundis­a amalungu abo ngokuseben­zisa ngendlela efanele izinkundla zokuxhuman­a, bawafundis­e nangokuxhu­mana nezintathe­li.

Uthe bazoba nabakhulum­ela i-ANC kuzwelonke, ezifundazw­eni nasezifund­eni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa