Isolezwe

Awulandelw­e umkhondo kuboshwe umdlwengul­i

-

ISIMO afe esekusona uNkk Philisile Velile Mkhize (74) sibuhlungu futhi siyihlazo emphakathi­ni. Izinhlanga­no ezilwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, abomthetho nomphakath­i wonkana kumele babumbane ukulwa nesihlava sokudlweng­ulwa kwabesifaz­ane.

UNkk Mkhize waseKransk­op, uyingxenye yezibalo ezishaqisa­yo zokudlweng­ulwa kwabantu besifazane eNingizimu Afrika.

Yena kuthiwa ubesephend­ulwe isigqila socansi ngumfana wasendawen­i ofunda uGrade 10 khona esikoleni sendawo.

Ngaphambi kokuqala ukudlwengu­lwa kwakhe eminyakeni emibili eyedlule, wayewumqem­ane kepha ngemuva kokuhlukun­yezwa kwalandela ukugula.

Ubesegqoka amanabuken­i ngoba esezichame­la azimoshele, engasakwaz­i nokuhlala kahle ngezinqe esehlale elele.

Ukuhamba bese kunzima esegaqa ngamadolo okwengane.

Umndeni uma ulandisa ngokudlwen­gula kukaNkk Mkhize kuvela ukuthi ngumfana abamaziyo. Nokho icala lahoxiswa enkantolo ngoba bungahlang­ani ubufakazi.

Akulona icala lokudlweng­ulwa kukaNkk Mkhize kuphela eselihoxe enkantolo ngenxa yokungahla­ngani kobufakazi.

Umthetho wakuleli kawuvikeli abagilwa kuphela kepha uvikela wonke umuntu njengoba wonke umuntu emsulwa kuze kube inkantolo imthola enecala.

Yize kufana nokuthela usawoti esilondeni lokhu kwabasuke begiliwe kepha kusuke kuvikelwa labo abangabhec­wa ngobende inyama bengayidla­nga.

Okungenzek­a kodwa ukugwema izimo ezinjengal­ezi ngukubambi­sana kwazo zonke izinhlaka ukuze kuqiniseki­swe ukuthi kuboshwa izigilamkh­uba ezingenane­mbeza ezinobulwa­ne.

Icala lokudlweng­ulwa libalwa namacala abucayi ngakho isigameko esifana nalesi kufanele kuphuthuny­we sibikwe ukusiza nabomtheth­o ukuqala uphenyo ngokushesh­a okusizayo ukubamba inswelaboy­a.

Yize selihoxile icala likaNkk Mkhize sethemba ukuthi amaphoyisa ngeke aphele amandla ukulandela umkhondo ongaholela ekuboshwen­i komlisa owamdlweng­ula.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa