Awulandelwe umkhondo kuboshwe umdlwenguli
ISIMO afe esekusona uNkk Philisile Velile Mkhize (74) sibuhlungu futhi siyihlazo emphakathini. Izinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, abomthetho nomphakathi wonkana kumele babumbane ukulwa nesihlava sokudlwengulwa kwabesifazane.
UNkk Mkhize waseKranskop, uyingxenye yezibalo ezishaqisayo zokudlwengulwa kwabantu besifazane eNingizimu Afrika.
Yena kuthiwa ubesephendulwe isigqila socansi ngumfana wasendaweni ofunda uGrade 10 khona esikoleni sendawo.
Ngaphambi kokuqala ukudlwengulwa kwakhe eminyakeni emibili eyedlule, wayewumqemane kepha ngemuva kokuhlukunyezwa kwalandela ukugula.
Ubesegqoka amanabukeni ngoba esezichamela azimoshele, engasakwazi nokuhlala kahle ngezinqe esehlale elele.
Ukuhamba bese kunzima esegaqa ngamadolo okwengane.
Umndeni uma ulandisa ngokudlwengula kukaNkk Mkhize kuvela ukuthi ngumfana abamaziyo. Nokho icala lahoxiswa enkantolo ngoba bungahlangani ubufakazi.
Akulona icala lokudlwengulwa kukaNkk Mkhize kuphela eselihoxe enkantolo ngenxa yokungahlangani kobufakazi.
Umthetho wakuleli kawuvikeli abagilwa kuphela kepha uvikela wonke umuntu njengoba wonke umuntu emsulwa kuze kube inkantolo imthola enecala.
Yize kufana nokuthela usawoti esilondeni lokhu kwabasuke begiliwe kepha kusuke kuvikelwa labo abangabhecwa ngobende inyama bengayidlanga.
Okungenzeka kodwa ukugwema izimo ezinjengalezi ngukubambisana kwazo zonke izinhlaka ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuboshwa izigilamkhuba ezingenanembeza ezinobulwane.
Icala lokudlwengulwa libalwa namacala abucayi ngakho isigameko esifana nalesi kufanele kuphuthunywe sibikwe ukusiza nabomthetho ukuqala uphenyo ngokushesha okusizayo ukubamba inswelaboya.
Yize selihoxile icala likaNkk Mkhize sethemba ukuthi amaphoyisa ngeke aphele amandla ukulandela umkhondo ongaholela ekuboshweni komlisa owamdlwengula.