Akumele kube yijoka ukubeka imali yomhlalaphansi
SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI
UMBUZO onzima esivame ukuwubuzwa ngamakhasimende ngothi: Ngabe yimalini okumele siyilondolozele ukuthatha umhlalaphansi? Impendulo yalo mbuzo ithi kuya ngokuthi yiziphi izidingo zakho uma ususempeshenini. Impendulo ingahle idale ukungabaza bese iholela ekutheni abantu bacabange ukuthi ukulondolozela umhlalaphansi kuyinto enzima noma engenzeki. Le mpendulo ayibasizi abantu abangebona ongoti kwezezimali nabangenalo ulwazi. Iningi lithola imibono okungesiyo ezinhlelweni zempesheni ehlelwa ngabaqashi abafaka ingxenye yemali esikhwameni sokulondolozela impesheni kepha imvamisa le mali efakwa ngumqashi ikhohlisa umsebenzi agcine eselondoloze imali engenele ukuthi aye empeshenini ngokunethezeka. Isisombululo kule nkinga abaningi ababa kuyo wukufunda ngezezimali. Ukulondolozela umhlalaphansi kudinga ukuzithiba ikakhulukazi njengoba abasebenzi abaningi befisa ukulondoloza imali kodwa bengenamandla okuyonga.
Uhlelo lokulondolozela umhlalaphansi usizwa ngumqashi
Njengoba abasebenzi beshintshela ohlelweni lomnikelo womqashi kusukela ohlelweni lomhlomulo, bathwala ijoka lokuthatha izinqumo ngokuthi bafuna ukulondoloza imali engakanani. Esikhwameni esibalula umhlomulo umsebenzi uba nesiqiniseko sokuthi angathola impesheni engakanani kepha ohlelweni lomnikelo imali oyithola uma usuya empeshenini iya ngokuthi isikhwama sempesheni otshala kusona imali senze kanjani emva kwesikhathi esithize. Kulula ukulondoloza imali ikakhulukazi uma umqashi wakho enza njengeningi labaqashi abafaka abasebenzi ohlelweni lwempesheni. Impesheni ehlelwe umqashi ivamise ukuthi ithathe u-6% weholo lomsebenzi nomqashi akhiphe cishe okulinganayo. Kepha leli phesenti lincane kakhulu. Bambalwa abasebenzi abathola okungaphezulu kuka-13% kumqashi ngakho kunzima ukwazi ukuthi isikalo sithini uma kuza emnikelweni okumele ukhishwe umqashi. Ucwaningo lwakamuva lwezempesheni luveze ukuthi abasebenzi bangathola okulinganiselwa ku-12% empeshenini yabo evela kumqashi.
Inkinga ngohlelo lomhlalaphansi oluhlelwa ngumqashi ngukuthi abasebenzi abayingxenye yalolo hlelo bonga imali engaphansi kwempilo abasazoyiphila. Iningi labasebenzi longa imali engaphansi kwezobalondoloza uma sebethathe umhlalaphansi ngenxa yezizathu ezehlukene. Lokhu kungenxa yokuthi kunzima ukukala imali ongayonga, kunzima nakumuntu oqeqeshiwe kwezezimali. Bayidlanzana abaqashi abafaka ngaphezulu kuka-13% empeshenini yabasebenzi.
Ukulondoloza u-13% kuya ku-15% womholo wakho
Uma ufuna umgomo omisiwe ngemali okumele uyilondolozele umhlalaphansi ungonga imali eqala ku-13%. Lesi sikalo sihlanganisa imali efakwa wumqashi nomsebenzi. Umsebenzi olondoloze u-8% wemali yakhe kugcina sekungu-13% uma umqashi efaka u-5%. Uma usukhulile injongo yakho kufanele kube wukukhokhela umuzi ngoba lokhu kwenza ukuya empeshenini kungabizi kakhulu.
Kungani abasebenzi bengafaki imali engaphezulu kweyomqashi esikhwameni sempesheni? Uma umsebenzi esejwayele inani elithize lomholo ubona sengathi kuzoba yinkinga uma esethola imali engaphansi kwayijwayele ngakhoke abakunambithisisi ukunyusa imali abayifaka esikhwameni sempesheni.
Kala utshalomali lwakho ngokuthi uhola malini
Ukuthi uhola malini yikho okukunika isikalo semali ongayilondoloza. Ukongela umhlalaphansi akusilona lodwa uhlelo onalo kwisabelomali sakho. Kungenzeka ukuthi ucabanga ukuthenga umuzi, ukuqala umndeni, ukuhamba amazwe omhlaba noma ube nezinye izinto ocabanga ukuzenza empilweni. Zonke lezi zinto ziphuma emholweni wakho ngakho ke ukuba nohlelo olumqoka lokulondoloza imali kumele kube yinto eseqhulwini.
Ayikho indlela yokubala ukuthi uzodinga imali engakanani uma usuthatha umhlalaphansi ngoba akekho owaziyo ukuthi yini ozoyidinga kusasa. Izinqumo ezithathwa ngobuchule ziyaye zikunike umhlahlandlela wokuthi uzodinga imali engakanani uma usuthatha umhlalaphansi. Kumele uzibekele umgomo wokulondoloza u-16% womholo wakho ngonyaka uma usemncane ngeminyaka. Uma uhola uR350 000 ngonyaka kumele ulondoloze uR56 000 ngonyaka, okuba ngu-R4 666 ngenyanga. Ngabe ukubona kunzima ukwenza lokhu? Kungenzeka ukuthi kunzima kepha umqashi wakho kumele afake u-R2 333 ngenyanga uma ulondoloze uR4 666 (uR27 996 ngonyaka).