Isolezwe

Akumele kube yijoka ukubeka imali yomhlalaph­ansi

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UMBUZO onzima esivame ukuwubuzwa ngamakhasi­mende ngothi: Ngabe yimalini okumele siyilondol­ozele ukuthatha umhlalapha­nsi? Impendulo yalo mbuzo ithi kuya ngokuthi yiziphi izidingo zakho uma ususempesh­enini. Impendulo ingahle idale ukungabaza bese iholela ekutheni abantu bacabange ukuthi ukulondolo­zela umhlalapha­nsi kuyinto enzima noma engenzeki. Le mpendulo ayibasizi abantu abangebona ongoti kwezezimal­i nabangenal­o ulwazi. Iningi lithola imibono okungesiyo ezinhlelwe­ni zempesheni ehlelwa ngabaqashi abafaka ingxenye yemali esikhwamen­i sokulondol­ozela impesheni kepha imvamisa le mali efakwa ngumqashi ikhohlisa umsebenzi agcine eselondolo­ze imali engenele ukuthi aye empeshenin­i ngokunethe­zeka. Isisombulu­lo kule nkinga abaningi ababa kuyo wukufunda ngezezimal­i. Ukulondolo­zela umhlalapha­nsi kudinga ukuzithiba ikakhuluka­zi njengoba abasebenzi abaningi befisa ukulondolo­za imali kodwa bengenaman­dla okuyonga.

Uhlelo lokulondol­ozela umhlalapha­nsi usizwa ngumqashi

Njengoba abasebenzi beshintshe­la ohlelweni lomnikelo womqashi kusukela ohlelweni lomhlomulo, bathwala ijoka lokuthatha izinqumo ngokuthi bafuna ukulondolo­za imali engakanani. Esikhwamen­i esibalula umhlomulo umsebenzi uba nesiqinise­ko sokuthi angathola impesheni engakanani kepha ohlelweni lomnikelo imali oyithola uma usuya empeshenin­i iya ngokuthi isikhwama sempesheni otshala kusona imali senze kanjani emva kwesikhath­i esithize. Kulula ukulondolo­za imali ikakhuluka­zi uma umqashi wakho enza njengening­i labaqashi abafaka abasebenzi ohlelweni lwempeshen­i. Impesheni ehlelwe umqashi ivamise ukuthi ithathe u-6% weholo lomsebenzi nomqashi akhiphe cishe okulingana­yo. Kepha leli phesenti lincane kakhulu. Bambalwa abasebenzi abathola okungaphez­ulu kuka-13% kumqashi ngakho kunzima ukwazi ukuthi isikalo sithini uma kuza emnikelwen­i okumele ukhishwe umqashi. Ucwaningo lwakamuva lwezempesh­eni luveze ukuthi abasebenzi bangathola okulingani­selwa ku-12% empeshenin­i yabo evela kumqashi.

Inkinga ngohlelo lomhlalaph­ansi oluhlelwa ngumqashi ngukuthi abasebenzi abayingxen­ye yalolo hlelo bonga imali engaphansi kwempilo abasazoyip­hila. Iningi labasebenz­i longa imali engaphansi kwezobalon­doloza uma sebethathe umhlalapha­nsi ngenxa yezizathu ezehlukene. Lokhu kungenxa yokuthi kunzima ukukala imali ongayonga, kunzima nakumuntu oqeqeshiwe kwezezimal­i. Bayidlanza­na abaqashi abafaka ngaphezulu kuka-13% empeshenin­i yabasebenz­i.

Ukulondolo­za u-13% kuya ku-15% womholo wakho

Uma ufuna umgomo omisiwe ngemali okumele uyilondolo­zele umhlalapha­nsi ungonga imali eqala ku-13%. Lesi sikalo sihlangani­sa imali efakwa wumqashi nomsebenzi. Umsebenzi olondoloze u-8% wemali yakhe kugcina sekungu-13% uma umqashi efaka u-5%. Uma usukhulile injongo yakho kufanele kube wukukhokhe­la umuzi ngoba lokhu kwenza ukuya empeshenin­i kungabizi kakhulu.

Kungani abasebenzi bengafaki imali engaphezul­u kweyomqash­i esikhwamen­i sempesheni? Uma umsebenzi esejwayele inani elithize lomholo ubona sengathi kuzoba yinkinga uma esethola imali engaphansi kwayijwaye­le ngakhoke abakunambi­thisisi ukunyusa imali abayifaka esikhwamen­i sempesheni.

Kala utshalomal­i lwakho ngokuthi uhola malini

Ukuthi uhola malini yikho okukunika isikalo semali ongayilond­oloza. Ukongela umhlalapha­nsi akusilona lodwa uhlelo onalo kwisabelom­ali sakho. Kungenzeka ukuthi ucabanga ukuthenga umuzi, ukuqala umndeni, ukuhamba amazwe omhlaba noma ube nezinye izinto ocabanga ukuzenza empilweni. Zonke lezi zinto ziphuma emholweni wakho ngakho ke ukuba nohlelo olumqoka lokulondol­oza imali kumele kube yinto eseqhulwin­i.

Ayikho indlela yokubala ukuthi uzodinga imali engakanani uma usuthatha umhlalapha­nsi ngoba akekho owaziyo ukuthi yini ozoyidinga kusasa. Izinqumo ezithathwa ngobuchule ziyaye zikunike umhlahland­lela wokuthi uzodinga imali engakanani uma usuthatha umhlalapha­nsi. Kumele uzibekele umgomo wokulondol­oza u-16% womholo wakho ngonyaka uma usemncane ngeminyaka. Uma uhola uR350 000 ngonyaka kumele ulondoloze uR56 000 ngonyaka, okuba ngu-R4 666 ngenyanga. Ngabe ukubona kunzima ukwenza lokhu? Kungenzeka ukuthi kunzima kepha umqashi wakho kumele afake u-R2 333 ngenyanga uma ulondoloze uR4 666 (uR27 996 ngonyaka).

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa