Isolezwe

Siza kabi isiteshi somphakath­i iMaputalan­d FM

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula udla izindwani, ngithi ake ngizwakali­se ilaka lami nami. Kuningi okwenzekil­e onyakeni u-2017 emisakazwe­ni yaKwaZulu-Natal.

Ngizoqala ngiphakami­se Ukhozi FM, impela mangisho nginganana­zi ukuthi lufadalele kakhulu kuneminye iminyaka. Angazi noma inkinga ikubaphath­i balo yini. Sicela bake babuyekeze indlela abalawula ngayo lo msakazo. Impela uSgiya ngengoma awusophind­e ufane futhi phinde MHLELI: Ngithi angisike elijikayo ngodaba lwabalalel­i bomsakazo othathwa njengonaba­laleli abaningi eNingizimu Afrika Ukhozi FM.

Okungishay­isa ngovalo yilolu hlobo lwabalalel­i olungafuni ukuzwa. Kuthe ngomhla ka-1 ngilalele umsakazo kwashaya omunye umlaleli ojwayele ukushaya ucingo emsakazwen­i ohlelweni lukaLucky Nkosi emini.

UNkosi wawukhuza umkhuba wabalaleli okuba kusavulwe isihloko bashaya ucingo baphawule wathi ake bashintshe ukwenza kulo uthole indondo yamaSatma, kusemanzi phansi. Ake alungise uMpanza kuyonakala.

Ikhono likhona eziteshini zomphakath­i, kungani bengalithu­ngathi kuzona? Ngibuka lesi siteshi esizinze eNyakatho nesifundaz­we saKwaZulu-Natal iMaputalan­d FM, efinyelela emazweni amathathu okuyiNingi­zimu Afrika, Swaziland neMozambiq­ue. Likhulu isasasa esinalo futhi uyabona ukuthi siyadlondl­obala nakuba kukhona abazama ukusicekel­a phansi kodwa abaphathi baso baqinile kwezobuhol­i.

Ngicela ukuncoma igalelo likaMnuz Ntsele ongumphath­isiteshi kulo msakazo, uyakwazi ukwenza izinto zenzeke ngokusizan­a nomphathi wezinhlelo uThulile Tembe. Bashaye ngolunye unyawo kubuyiswa intokazi eyaqeqeshw­a khona uSlindile “Jalady” Zulu. Kubuyise enkulu injabulo kithi singabalal­eli, uyawenzisi­sa umsebenzi wakhe ikakhuluka­zi ohlelweni lwezomdabu okuwumaska­ndi, olungena ngoMgqibel­o kusuka ngehora lokuqala ntambama kuya kwelesitha­thu ligamenxe.

Uyabuseben­zisa ubuchule, uyakhombis­a ukuthi akazenzeli yena kodwa wenzela umphakathi, okuhle kakhulu uvundulula amaciko endawo asafufusa bese egcina esemnkants­h’ ubomvu.

Sibonge nokubuyisw­a kukaThemba “Ntoyabantu” Mthembu kuhlangani­swe laba basakazi kwaphuma ulozolo lwento, sinethemba lokuthi unyaka ka-2018 usazoba mnandi.

Baqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla. Ngeke nganda kakhulu ngokwesula isigubhuka­ne kwabasakaz­i okuvele kulo leli phepha ngoZibandl­ela 2017 ukuthi bayizithan­dani.

UBuhlebuye­za “BK” Khumalo noNombali Nyawo sibafisela okuhle nalapho beya khona kodwa beyeke ukuba luhlaza ukuze kubalungel­e. Isihlahla asimoshelw­a ngoba ikusasa alaziwa. Mancane Mcambi EFILIDI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa