Siza kabi isiteshi somphakathi iMaputaland FM
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula udla izindwani, ngithi ake ngizwakalise ilaka lami nami. Kuningi okwenzekile onyakeni u-2017 emisakazweni yaKwaZulu-Natal.
Ngizoqala ngiphakamise Ukhozi FM, impela mangisho ngingananazi ukuthi lufadalele kakhulu kuneminye iminyaka. Angazi noma inkinga ikubaphathi balo yini. Sicela bake babuyekeze indlela abalawula ngayo lo msakazo. Impela uSgiya ngengoma awusophinde ufane futhi phinde MHLELI: Ngithi angisike elijikayo ngodaba lwabalaleli bomsakazo othathwa njengonabalaleli abaningi eNingizimu Afrika Ukhozi FM.
Okungishayisa ngovalo yilolu hlobo lwabalaleli olungafuni ukuzwa. Kuthe ngomhla ka-1 ngilalele umsakazo kwashaya omunye umlaleli ojwayele ukushaya ucingo emsakazweni ohlelweni lukaLucky Nkosi emini.
UNkosi wawukhuza umkhuba wabalaleli okuba kusavulwe isihloko bashaya ucingo baphawule wathi ake bashintshe ukwenza kulo uthole indondo yamaSatma, kusemanzi phansi. Ake alungise uMpanza kuyonakala.
Ikhono likhona eziteshini zomphakathi, kungani bengalithungathi kuzona? Ngibuka lesi siteshi esizinze eNyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal iMaputaland FM, efinyelela emazweni amathathu okuyiNingizimu Afrika, Swaziland neMozambique. Likhulu isasasa esinalo futhi uyabona ukuthi siyadlondlobala nakuba kukhona abazama ukusicekela phansi kodwa abaphathi baso baqinile kwezobuholi.
Ngicela ukuncoma igalelo likaMnuz Ntsele ongumphathisiteshi kulo msakazo, uyakwazi ukwenza izinto zenzeke ngokusizana nomphathi wezinhlelo uThulile Tembe. Bashaye ngolunye unyawo kubuyiswa intokazi eyaqeqeshwa khona uSlindile “Jalady” Zulu. Kubuyise enkulu injabulo kithi singabalaleli, uyawenzisisa umsebenzi wakhe ikakhulukazi ohlelweni lwezomdabu okuwumaskandi, olungena ngoMgqibelo kusuka ngehora lokuqala ntambama kuya kwelesithathu ligamenxe.
Uyabusebenzisa ubuchule, uyakhombisa ukuthi akazenzeli yena kodwa wenzela umphakathi, okuhle kakhulu uvundulula amaciko endawo asafufusa bese egcina esemnkantsh’ ubomvu.
Sibonge nokubuyiswa kukaThemba “Ntoyabantu” Mthembu kuhlanganiswe laba basakazi kwaphuma ulozolo lwento, sinethemba lokuthi unyaka ka-2018 usazoba mnandi.
Baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla. Ngeke nganda kakhulu ngokwesula isigubhukane kwabasakazi okuvele kulo leli phepha ngoZibandlela 2017 ukuthi bayizithandani.
UBuhlebuyeza “BK” Khumalo noNombali Nyawo sibafisela okuhle nalapho beya khona kodwa beyeke ukuba luhlaza ukuze kubalungele. Isihlahla asimoshelwa ngoba ikusasa alaziwa. Mancane Mcambi EFILIDI