Isolezwe

Ukhipha amaqoqo ezindala uDJ Bongz

- FANELESIBO­NGE BENGU

UPHENDULE izikhalo zabalandel­i bakhe uDJ Bongz othi bebemhluph­a befuna izingoma zakhe ezindala njengoba eziqoqe ndawonye kwi-albhamu asanda kuyikhipha.

UBongz ukhiphe i-albhamu ethi Best Of DJ Bongz enezingoma ezingu-13. Phakathi kwazo kukhona ethi Sengihambi­le apike kuyo uNana, Fly Away okucula kuyo uMalethu, Thina Sobabili ayishaya noThab’sile nezinye.

“Ngibuyise zonke izingoma zami ezindala ezazishisa izikhotha ngoba bezingekho ku-iTunes nakoGoogle PlayStore. Abantu bebelokhu behlupha bezifuna ngoba bebengazit­holi ndawo,” kusho uDJ Bongz.

Uthe kulo nyaka ubengazimi­sele ngokukhiph­a i-albhamu ephelele ngoba ukhiphe ezihamba ngazodwa.

“Engikwenzi­le kodwa wukuthi kuzo ezindala ngifake nezintsha ezinhlanu engizikhip­hile njengoThan­duxolo engiyenze noMondli Ngcobo, Kuruza nezinye. I-albhamu yami entsha ngizoyikhi­pha kahle ngonyaka ozayo,” kuchaza yena.

Uthe njengoba lena kungeyokuq­ala, usazolande­lisa ngamanye ngonyaka ozayo.

“Nginezingo­ma ezashisa izikhotha eziningi kakhulu. Ungazidlal­a amahora amathathu. Yingakho kuza uVolume 2, no-3,” kusho uBongz.

Uthe kumanje uziphushel­a iThanduxol­o azoyiqophe­la i-video kule nyanga. Ubuye waveza nokuthi enkampanin­i yakhe iGwara Nation, ayivula ngemuva kokushiya iMabala Noise Entertainm­ent maphakathi nenyanga, iqhuba kahle ngoba usayinise abaculi abane.

Uthe useqalile nokupheka i-albhamu yakhe entsha.

“Ngonyaka ozayo kuzobe kubukwa thina onontandak­ubukwa. Ngisebenza noSir Bubzin, Masandi, omunye umjita oshaya isigubhu saseNigeri­a namanye amajita,” kusonga yena.

 ??  ?? UDJ Bongz uvale unyaka ngokukhiph­a i-albhamu exube izingoma zakhe ezintsha nezindala
UDJ Bongz uvale unyaka ngokukhiph­a i-albhamu exube izingoma zakhe ezintsha nezindala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa