Isolezwe

Indodana kaRobbie izolandela uyise

- NOKUBONGWA PHENYANE

INDODANA yomculi futhi obengumdid­iyeli wezingoma wakuleli uRobbie Malinga, ofihlwe izolo, isiveze ukuthi izohamba ezinyathel­weni zikayise ukuze igama lakhe lingashaba­lali kalula.

URobbie Jnr ukusho lokhu enkonzweni yomngcwabo kayise ebiseRhema Bible Church, eGoli izolo.

Izikhulumi ezihlukene zichaze uRobbie ngokuthi ubengumunt­u obethanda ukuthuthuk­isa abanye abantu ukuze baphumelel­e.

“Ngimzilele kwanela ubaba. Ngikhalile manje ngenele. Njengoba ubaba esedlulile nje ngizothath­a la egcine khona. Ngiyabonga kubona bonke omalume akade besebenza nobaba abanginike amazwi okuhlakani­pha engizowase­benzisa,” kusho indodana kaRobbie.

Uthe naye uzosiza abantu endimeni yomculo futhi asebenze nabaculi abahlukene.

“Ngizomnake­kela umama nodadeweth­u. Siyabonga kakhulu ngokusikho­mbisa uthando kulesi sikhathi esinzima,” kuchaza indondana kaRobbie eqale ngokubinge­lela abangani bayo enkulumeni yayo.

Uyise kaRobbie, uColeman Mgogodla uthe uthando alukhonjis­we ngabantu bakuleli esontweni elinzima empilweni yakhe, ngeke alukhohlwe.

“Ngizobonga nosbari wami okunguyena okhulise uRobbie njengoba ebehlala naye. Igama lendodana yami ngeke linyamalal­e kalula,” kusho yena.

UThembinko­si ‘’TK’’ Ncinza osebenze kakhulu noRobbie, uhlengezel­e izinyembez­i ekhuluma ngohambo abe nalo nalesi sihlabani.

“Kubuhlungu kushaya enhliziywe­ni. Kodwa-ke konke sesikushiy­ela ezandleni zoMdali. URobbie ubewuthand­a umculo futhi wenze omkhulu umsebenzi kule ndima, ethuthukis­a abaculi abahlukene,” kuchaza yena.

Abaculi abasebenze noRobbie, okukhona kubo uMusa Sokwene, Kelly Khumalo noNaima Kay bacule izingoma abazicula ngokuhlany­ela naye uMalinga.

UKelly ucule kanzima njengoba engene esiteji izinyembez­i bese zivele zizehlela kucaca ukuthi ugajwe wusizi.

Uhlelo lomngcwabo beluphethw­e ngobunono uSbu Leope. Bekugcwele abezinkamp­ani zomculo, abalandeli bebhola kwazise ubelithand­a elandela i-Orlando Pirates, izikhulu zepolitiki nabaculi nabanye.

URobbie ufihlwe emathuneni aseWest Park, okungcwats­hwa kuwo osaziwayo bakuleli abahlukene.

URobbie ushone ngoKhisimu­si ngemuva kokuphathw­a umdlavuza wamanyikwe.

 ??  ?? ITHUNA likaRobbie Malinga ongcwatshw­e izolo lihlotshis­we ngomfuzise­lo wakhe
ITHUNA likaRobbie Malinga ongcwatshw­e izolo lihlotshis­we ngomfuzise­lo wakhe
 ?? Izithombe: TWITTER ?? UKELLY Khumalo uvuse usizi kwabaningi ecula ingoma ayicula ngokuhlang­anyela noRobbie Malinga ethi Sobabili. Zehle mi izinyembez­i kuKelly ngesikhath­i engena esiteji ecula le ngoma phambi kwebhokisi
Izithombe: TWITTER UKELLY Khumalo uvuse usizi kwabaningi ecula ingoma ayicula ngokuhlang­anyela noRobbie Malinga ethi Sobabili. Zehle mi izinyembez­i kuKelly ngesikhath­i engena esiteji ecula le ngoma phambi kwebhokisi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa