Isolezwe

UMagaqa usebolekis­we kuThongath­i

- MINENHLE MKHIZE

UBOLEKISWE kuThongath­i olugijima kwiNationa­l First Division (NFD), umdlali waMaZulu uSibusiso Magaqa. UMagaqa uzakhele igama kuMaZulu ngokudlala ibhola elihehayo kwiNFD ngesizini edlule. Kule sizini ka-2017/2018 uhluleke wancama ukuthola ijezi eqenjini elikhulu. UMagaqa uyibamba ngakwesoku­nxele phambili noma phakathi nenkundla. Leli nxele yilona ebese libamba ibhande eqenjini loSuthu elidlala kwiMultiCh­oice Diski Challenge (MDC).

Imenenja yoSuthu, uQedi Dlamini, itshele Isolezwe ukuthi uMagaqa usebolekis­we kuThongath­i FC.

“UMagaqa simbolekis­e kuThongath­i FC. Laba badlali abasebanca­ne ngeke sibadayise futhi ngeke sibaxoshe. Inhloso yethu ngokubaded­ela wukuthi baye kothola isipiliyon­i. UThongathi yilona ebelumfuna ngakho besingeke simnqabele ngoba kuyacaca ukuthi njengoba bemfuna bazomdlali­sa,”kusho uDlamini.

Usuthu lusanda kubolekisa uNkanyiso Zungu kwiJomo Cosmos. UZungu ubalwa nabanye abadlali abanekhono eliyisiman­ga.

“Laba badlali abasebanca­ne bayikusasa leqembu. Kubaluleki­le ukuthi singabalah­li. Kulo nyaka asinabo abadlali abasha. Mhlawumbe ekuhambeni kwesonto bazobe sebekhona,” kusho uDlamini.

UThongathi lunyukele kwiNFD ekuqaleni kwesizini kulandela ukudla ubhedu kumaPlay Off e-ABC Motsepe League.

“USikhumbuz­o Mazibuko useqalile ukujima neReal Kings kodwa asikaqedi nayo. Naye asimdayisi kodwa sizombolek­isa,” kusho uDlamini.

UThongathi luzama ukubalekel­a izembe kwiNFD. Ngaphambi kokuthi kuphele umzuliswan­o wokuqala leli qembu lisayinise uDiyo Sibisi owagqama kwiMamelod­i Sundowns, Maritzburg United nakwi-Ajax Cape Town eminyakeni eyedlule.

NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama UThongathi luzoshukan­a neRichards Bay FC ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini emdlalweni weligi.

UThongathi luhlezi endaweni ka-11 kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu angu-17 emidlalwen­i engu-15. Leli qembu lihlukanis­we amaphuzu ayisikhomb­isa noBuntu Cape Town ebambe ibhuleki

ku-log.

NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Uthongathi FC v Richards Bay (Princess Magogo Stadium); Royal Eagles v Mbombela United (Harry Gwala Stadium); Stellenbos­ch v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Athlone Stadium); Black Leopards v Pretoria University FC (Thohoyando­u Stadium); Real Kings v Jomo Cosmos (Sugar Ray Xulu Stadium)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Super Eagles v Highlands Park (Goble Park); Ubuntu Cape Town v Witbank Spurs (Athlone Stadium)

PNgoLwesih­lanu: Cape Town All Stars v Mthatha Bucks (Athlone Stadium, 3.30)

WImidlalo yeNFD:

DL

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI waMaZulu uSibusiso Magaqa usezoyibam­ba kuThongath­i FC abolekiswe kulona
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI waMaZulu uSibusiso Magaqa usezoyibam­ba kuThongath­i FC abolekiswe kulona
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa