Owe-United udotshwe ngothando
UDOTSHWE wuthando olukhonjiswe ngumqeqeshi weBidvest Wits ukaputeni weMaritzburg United, uDenis Weidlich, osayine inkontileka yesibambiso neZitshudeni.
Izolo iWits imemezele ukuthi isisayinise uWidliech, uRobyn Johannes obengukaputeni weCape Town City noThobani Mncwango obeselizwa ngendaba ijezi kwiPolokwane City. Ngaphandle kwalokho iZitshudeni zisayinise u-Edwin Gymah oxoshwe yi-Orlando Pirates ngesizini edlule, yabuyisa isigubhukane uSifiso Myeni obekade ebolekiswe kwiSuperSport United ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene noWeidlich waseGermany ukuthi uncamele ukungayivuseleli inkontileka yakhe neTeam of Choice ngenxa yokuthi uHunt umkhombise ukuthi ungumdlali amdingayo eqenjini lakhe. Inkontileka yakhe izophela ekupheleni kwesizini ka-2017/2018 kanti kuvele ukuthi kukhona umdlali weWits ozophambana naye aye kwiMaritzburg.
“Ukuhamba kwakhe akuhlangene nendaba yemali ngoba uhola kakhulu cishe kunabo bonke abadlali lapha eqenjini. Ungitshele ukuthi uHunt ukhombise ukuthanda indlela adlala ngayo nokuthi ungumdlali amdingayo eqenjini lakhe. Ngaphandle kwalokho emidlalweni yakamuva yeqembu itshe kade seligaya ngomunye umhlathi esikimini kwazise ubengasadlali njalo. Nalokho kube nomthelela ekutheni aqoke ukusayina kwiWits,” kusho umthombo.
UWeidlich uhamba nje kusaphele izinyanga ezimbalwa iTeam of Choice ihlukane nobengukaputeni uKurt Lentjies oseyibamba kwiChippa United. IWits isivele isayinise uLehlohonolo Majoro obegijima kwiCity esiqinise iqembu layo ngoKwanda Mngonyama obegijima kwiMamelodi Sundowns.
UMncwango odingiswe yiPolokwane kusukela kwasabalala izinkulumo zokuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ngesizini edlule uthe: “Kade sikhuluma neWits kusukela kuqale isizini. Konke sikuqede izolo (ngoMsombuluko).”
Khona manjalo, iKaizer Chiefs isaqhubeka nezingxoxo neBaroka mayelana nokusayinisa isikwibhisi, uSiphelele Ntshangase. Izolo, isikhulu seBaroka uMorgan Mammila sithe okubambile ukuthi la maqembu awavumelali ngemali okufanele bayithole ngoNtshangase. Izolo iChiefs ibisadingida neBloemfontein Celtic ukudayiselana uKabelo “Skipper” Mahlasela.