Isolezwe

UPienaar ukhonjwe indlela kwiWits

- MINENHLE MKHIZE

IKHONJWE indlela ingwazi yeBafana Bafana uSteven “Schillo” Pienaar ebigijima kwiBidvest Wits.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi nangephuth­a eceleni ukuthi kuphelile ngomshado kaPienaar neWits.

“Bonke abadlali beWits sebebuyele ejimini ngaphandle kukaPienaa­r nalo mdlali wabo wasemuva waphesheya kwezilwand­le. Iqembu likhale ngokuthi aliwuboni umsebenzi wabo yingakho lithathe isinqumo sokuthi libakhulul­e. Wena thinta iWits, “kusho umthombo othembekil­e.

UPienaar ufike kwiWits ekuqaleni kwesizini esuka kuSunderla­nd FC egcine igawulwe yizembe kwi-English Premier League (EPL). Ngaphambi kokuthi ajoyine iWits ubefunwa yi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

KwiWits ubebalwa nabadlali abebehola kakhulu kodwa zize zaphela izinyanga eziyisithu­pha iqembu engazange alenzele lutho. Kuyimanje iWits izama ukubalekel­a izembe. Leli qembu lihlezi endaweni yokugcina kwi-log ekubeni kuyilona elivikela isicoco.

Ngesikhath­i iWits ithela othulini iBloemfont­ein Celtic ngo 1-0 kowamanqam­u weTelkom Knockout, uPienaar wayehlezi ebhentshin­i. Ukufika kukaPienaa­r kwiWits kulihlakaz­ile iqembu ngoba kuphoqe umqeqeshi uGavin Hunt ukuthi akhiphe abadlali abawinele iClever Boys isicoco seligi ukuze aqinisekis­e ukuthi le ngwazi yeBafana iyadlala.

Ethintwa uHunt ngodaba lukaPienaa­r uqinisekis­ile ukuthi sebehluken­e.

“Ngeshwa ubudlelwan­o bethu noSteven abuzange bube yimpumelel­o. Ngaleyo ndlela sikhethe ukuthatha isinqumo sokuthi simkhulule. Simfisela inhlanhla lapho eya khona,“kusho uHunt.

UPienaar ubalwa nengcosana yabadlali baseNingiz­imu Afrika abayibekil­e induku ebandla emaqenjini ase-Europe. Udlale kwi-Ajax Amsterdam yaseHollan­d anqobe nayo izicoco, iBorrusia Dortmund yaseGerman­y, i-Everton, Tottenham Hotspur okungamaqe­mbu agijima kwiEnglish Premier League.

UPienaar udlale iminyaka engu-16 phesheya kwezilwand­le. Eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana udlale iminyaka engu-10.

Lo mdlali oneminyaka engu-35 uke walibamba ngisho ibhande likakapute­ni kwiBafana. Kwelesizwe udlale imidlalo engu-61 washaya amagoli amathathu.

Wayekhona ngo-2002 eJapan/ Korea nango-2010 eNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba. NgoMashi UPienaar uzohlangan­isa iminyaka engu-36. IWits emkhombe indlela imatasa njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali.

Isisayinis­e u-Edwin Gyimah noLehlohon­olo Majoro. Leli qembu liphinde lamemezela ukuthi selinesivu­melwano sokusayini­sa uThobani Mncwango, Robyn Johannes noDenis Weidlich. Bobathathu laba badlali basayine izinkontil­eka zesibambis­o.

“Asiqedile. Simatasa sizama ukuthola abanye abadlali. Emasontwen­i ezayo kukhona esizobamem­ezela. Indawo esihlezi kuyona isiphoqile ukuthi singene sijule emakethe,” kusho uHunt.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKUSAYINIS­A inqwaba yabadlali kweBidvest Wits kwenze yakhomba indlela uSteve Pienaar ongalenzel­anga lutho iqembu selokhu efikile ekuqaleni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKUSAYINIS­A inqwaba yabadlali kweBidvest Wits kwenze yakhomba indlela uSteve Pienaar ongalenzel­anga lutho iqembu selokhu efikile ekuqaleni kwesizini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa