Isolezwe

Usedonse iso likaTinkle­r umgadli weSuperSpo­rt

- LUNGILE MAJOKA

UBESEFANA “nolahliwe” umgadli weSuperSpo­rt United, uDarren Smith (21), otholele leli qembu lasePitoli igoli lokulingan­isa ngesikhath­i libhekene neBloemfon­tein Celtic emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoDisemba 20.

I-United ibize emdlalweni izinto zingayiham­beli kahle njengoba ibisihlule­ke ukunqoba emidlalwen­i emithathu edlule.

Nakuwona lo owokuvala unyaka igcine ngokuthola iphuzu kulamula uSmith ongene esuka ebhentshin­i. Lona bekungumdl­alo wokuqala walo mgadli ofike ekuqaleni kwesizini esuka kwiSantos.

Ubeyibamba kuleli qembu laseKapa kwiNationa­l First Division (NFD) ngaphambi kokuthi lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.

“Besidinga umdlali onesipiliy­oni, osevuthiwe okuyikhona obekushoda eqenjini,” kusho umqeqeshi weqembu le-United leMulticho­ice Diski Challenge (MDC), uKwanele Kopo.

“Besimdinga umgadli omuhle. Ngesikhath­i efika kithina sizomhlola ngabona ukuthi ungomunye wabagadli abahle esengike ngababona. Uvuthiwe, unamandla nejubane. Yilokho ebesikudin­ga,” kusho uKopo.

USmith useshaye amagoli ayisithuph­a kwiMDC lapho i-United yenza kangcono kunangesiz­ini edlule njengoba iyibambe endaweni yesithathu kwilog. Ngesizini edlule iqede ibalwa namaqembu asemsileni.

“Abanye bese bemdelile kodwa uma eqhubeka edlala ngale ndlela kungenzeka lugcwalise­ke uhambo lwakhe lokugcina edlala ibhola esigabeni esiphezulu,” kusho uKopo ekhuluma nabezindab­a ngemuva kwemidlalo yeMDC.

USmith uke wasayinisw­a AmaZulu FC esadlala kwi-Absa Premiershi­p ngo-2014 esuka kumajuniya e-Ajax Cape Town. Ngaleso sikhathi wayeneminy­aka engu-18. Akalithola­nga ithuba lokudlala ngemuva kokuxoshwa komqeqeshi owayemland­ile uCraig Rosslee.

Lo mdlali akusiyena yedwa onikwa ithuba lokudlala kwiMDC, osedonse iso lomqeqeshi wesikwati esikhulu kwi-United, u-Eric Tinkler.

Nabanye ozakwabo bayalithol­a ithuba njengoSiph­o Mbule noFagrie Lakay.

Iqembu likaTinkle­r elihleli endaweni ka-11 kwi-log lidonsa kanzima ngemuva konyaka omude liyibambe nasemidlal­weni yeCAF Confederat­ion Cup.

I-United igcine ihlulwe kowamanqam­u kulo mqhudelwan­o wase-Afrika, nokuyinto uTinkler avumile ukuthi ibahlukume­zile abadlali emoyeni.

Wakusho ukuthi ngenxa yokucinana kwemidlalo yabo uzodinga nabanye abadlali “abazophaka­misa isandla baziveze” uma benikwa ithuba.

Kule nyanga i-United inemidlalo eyisishiya­galombili kanti izoqala ngoweKaize­r Chiefs ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSuperSpo­rt United uDarren Smith ejabulela igoli noThuso Phala ngesikhath­i bebhekene neBloemfon­tein Celtic ngonyaka odlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSuperSpo­rt United uDarren Smith ejabulela igoli noThuso Phala ngesikhath­i bebhekene neBloemfon­tein Celtic ngonyaka odlule
 ??  ?? MORUTI MTHALANE
MORUTI MTHALANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa