UMagaqa usebolekiswe kuThongathi
UBOLEKISWE kuThongathi olugijima kwiNational First Division (NFD), umdlali waMaZulu uSibusiso Magaqa. UMagaqa uzakhele igama kuMaZulu ngokudlala ibhola elihehayo kwiNFD ngesizini edlule. Kule sizini ka-2017/2018 uhluleke wancama ukuthola ijezi eqenjini elikhulu. UMagaqa uyibamba ngakwesokunxele phambili noma phakathi nenkundla. Leli nxele yilona ebese libamba ibhande eqenjini loSuthu elidlala kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC).
Imenenja yoSuthu, uQedi Dlamini, itshele Isolezwe ukuthi uMagaqa usebolekiswe kuThongathi FC.
“UMagaqa simbolekise kuThongathi FC. Laba badlali abasebancane ngeke sibadayise futhi ngeke sibaxoshe. Inhloso yethu ngokubadedela wukuthi baye kothola isipiliyoni. UThongathi yilona ebelumfuna ngakho besingeke simnqabele ngoba kuyacaca ukuthi njengoba bemfuna bazomdlalisa,”kusho uDlamini.
Usuthu lusanda kubolekisa uNkanyiso Zungu kwiJomo Cosmos. UZungu ubalwa nabanye abadlali abanekhono eliyisimanga.
“Laba badlali abasebancane bayikusasa leqembu. Kubalulekile ukuthi singabalahli. Kulo nyaka asinabo abadlali abasha. Mhlawumbe ekuhambeni kwesonto bazobe sebekhona,” kusho uDlamini.
UThongathi lunyukele kwiNFD ekuqaleni kwesizini kulandela ukudla ubhedu kumaPlay Off e-ABC Motsepe League.
“USikhumbuzo Mazibuko useqalile ukujima neReal Kings kodwa asikaqedi nayo. Naye asimdayisi kodwa sizombolekisa,” kusho uDlamini.
UThongathi luzama ukubalekela izembe kwiNFD. Ngaphambi kokuthi kuphele umzuliswano wokuqala leli qembu lisayinise uDiyo Sibisi owagqama kwiMamelodi Sundowns, Maritzburg United nakwi-Ajax Cape Town eminyakeni eyedlule.
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama UThongathi luzoshukana neRichards Bay FC ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini emdlalweni weligi.
UThongathi luhlezi endaweni ka-11 kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-15. Leli qembu lihlukaniswe amaphuzu ayisikhombisa noBuntu Cape Town ebambe ibhuleki
ku-log.
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Uthongathi FC v Richards Bay (Princess Magogo Stadium); Royal Eagles v Mbombela United (Harry Gwala Stadium); Stellenbosch v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Athlone Stadium); Black Leopards v Pretoria University FC (Thohoyandou Stadium); Real Kings v Jomo Cosmos (Sugar Ray Xulu Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Super Eagles v Highlands Park (Goble Park); Ubuntu Cape Town v Witbank Spurs (Athlone Stadium)
PNgoLwesihlanu: Cape Town All Stars v Mthatha Bucks (Athlone Stadium, 3.30)
WImidlalo yeNFD:
DL