Isolezwe

Owe-United udotshwe ngothando

- ZAKHELE XABA

UDOTSHWE wuthando olukhonjis­we ngumqeqesh­i weBidvest Wits ukaputeni weMaritzbu­rg United, uDenis Weidlich, osayine inkontilek­a yesibambis­o neZitshude­ni.

Izolo iWits imemezele ukuthi isisayinis­e uWidliech, uRobyn Johannes obengukapu­teni weCape Town City noThobani Mncwango obeselizwa ngendaba ijezi kwiPolokwa­ne City. Ngaphandle kwalokho iZitshuden­i zisayinise u-Edwin Gymah oxoshwe yi-Orlando Pirates ngesizini edlule, yabuyisa isigubhuka­ne uSifiso Myeni obekade ebolekiswe kwiSuperSp­ort United ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene noWeidlich waseGerman­y ukuthi uncamele ukungayivu­seleli inkontilek­a yakhe neTeam of Choice ngenxa yokuthi uHunt umkhombise ukuthi ungumdlali amdingayo eqenjini lakhe. Inkontilek­a yakhe izophela ekupheleni kwesizini ka-2017/2018 kanti kuvele ukuthi kukhona umdlali weWits ozophamban­a naye aye kwiMaritzb­urg.

“Ukuhamba kwakhe akuhlangen­e nendaba yemali ngoba uhola kakhulu cishe kunabo bonke abadlali lapha eqenjini. Ungitshele ukuthi uHunt ukhombise ukuthanda indlela adlala ngayo nokuthi ungumdlali amdingayo eqenjini lakhe. Ngaphandle kwalokho emidlalwen­i yakamuva yeqembu itshe kade seligaya ngomunye umhlathi esikimini kwazise ubengasadl­ali njalo. Nalokho kube nomthelela ekutheni aqoke ukusayina kwiWits,” kusho umthombo.

UWeidlich uhamba nje kusaphele izinyanga ezimbalwa iTeam of Choice ihlukane nobengukap­uteni uKurt Lentjies oseyibamba kwiChippa United. IWits isivele isayinise uLehlohono­lo Majoro obegijima kwiCity esiqinise iqembu layo ngoKwanda Mngonyama obegijima kwiMamelod­i Sundowns.

UMncwango odingiswe yiPolokwan­e kusukela kwasabalal­a izinkulumo zokuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ngesizini edlule uthe: “Kade sikhuluma neWits kusukela kuqale isizini. Konke sikuqede izolo (ngoMsombul­uko).”

Khona manjalo, iKaizer Chiefs isaqhubeka nezingxoxo neBaroka mayelana nokusayini­sa isikwibhis­i, uSiphelele Ntshangase. Izolo, isikhulu seBaroka uMorgan Mammila sithe okubambile ukuthi la maqembu awavumelal­i ngemali okufanele bayithole ngoNtshang­ase. Izolo iChiefs ibisadingi­da neBloemfon­tein Celtic ukudayisel­ana uKabelo “Skipper” Mahlasela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uDenis Weidlich uzolishiya iqembu aye kwiBidvest Wits ekupheleni kwesizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weMaritzbu­rg United uDenis Weidlich uzolishiya iqembu aye kwiBidvest Wits ekupheleni kwesizini
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa