UPienaar ukhonjwe indlela kwiWits
IKHONJWE indlela ingwazi yeBafana Bafana uSteven “Schillo” Pienaar ebigijima kwiBidvest Wits.
Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi nangephutha eceleni ukuthi kuphelile ngomshado kaPienaar neWits.
“Bonke abadlali beWits sebebuyele ejimini ngaphandle kukaPienaar nalo mdlali wabo wasemuva waphesheya kwezilwandle. Iqembu likhale ngokuthi aliwuboni umsebenzi wabo yingakho lithathe isinqumo sokuthi libakhulule. Wena thinta iWits, “kusho umthombo othembekile.
UPienaar ufike kwiWits ekuqaleni kwesizini esuka kuSunderland FC egcine igawulwe yizembe kwi-English Premier League (EPL). Ngaphambi kokuthi ajoyine iWits ubefunwa yi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
KwiWits ubebalwa nabadlali abebehola kakhulu kodwa zize zaphela izinyanga eziyisithupha iqembu engazange alenzele lutho. Kuyimanje iWits izama ukubalekela izembe. Leli qembu lihlezi endaweni yokugcina kwi-log ekubeni kuyilona elivikela isicoco.
Ngesikhathi iWits ithela othulini iBloemfontein Celtic ngo 1-0 kowamanqamu weTelkom Knockout, uPienaar wayehlezi ebhentshini. Ukufika kukaPienaar kwiWits kulihlakazile iqembu ngoba kuphoqe umqeqeshi uGavin Hunt ukuthi akhiphe abadlali abawinele iClever Boys isicoco seligi ukuze aqinisekise ukuthi le ngwazi yeBafana iyadlala.
Ethintwa uHunt ngodaba lukaPienaar uqinisekisile ukuthi sebehlukene.
“Ngeshwa ubudlelwano bethu noSteven abuzange bube yimpumelelo. Ngaleyo ndlela sikhethe ukuthatha isinqumo sokuthi simkhulule. Simfisela inhlanhla lapho eya khona,“kusho uHunt.
UPienaar ubalwa nengcosana yabadlali baseNingizimu Afrika abayibekile induku ebandla emaqenjini ase-Europe. Udlale kwi-Ajax Amsterdam yaseHolland anqobe nayo izicoco, iBorrusia Dortmund yaseGermany, i-Everton, Tottenham Hotspur okungamaqembu agijima kwiEnglish Premier League.
UPienaar udlale iminyaka engu-16 phesheya kwezilwandle. Eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana udlale iminyaka engu-10.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 uke walibamba ngisho ibhande likakaputeni kwiBafana. Kwelesizwe udlale imidlalo engu-61 washaya amagoli amathathu.
Wayekhona ngo-2002 eJapan/ Korea nango-2010 eNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba. NgoMashi UPienaar uzohlanganisa iminyaka engu36. IWits emkhombe indlela imatasa njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Isisayinise u-Edwin Gyimah noLehlohonolo Majoro. Leli qembu liphinde lamemezela ukuthi selinesivumelwano sokusayinisa uThobani Mncwango, Robyn Johannes noDenis Weidlich. Bobathathu laba badlali basayine izinkontileka zesibambiso.
“Asiqedile. Simatasa sizama ukuthola abanye abadlali. Emasontweni ezayo kukhona esizobamemezela. Indawo esihlezi kuyona isiphoqile ukuthi singene sijule emakethe,” kusho uHunt.