Usedonse iso likaTinkler umgadli weSuperSport
UBESEFANA “nolahliwe” umgadli weSuperSport United, uDarren Smith (21), otholele leli qembu lasePitoli igoli lokulinganisa ngesikhathi libhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership ngoDisemba 20.
I-United ibize emdlalweni izinto zingayihambeli kahle njengoba ibisihluleke ukunqoba emidlalweni emithathu edlule.
Nakuwona lo owokuvala unyaka igcine ngokuthola iphuzu kulamula uSmith ongene esuka ebhentshini. Lona bekungumdlalo wokuqala walo mgadli ofike ekuqaleni kwesizini esuka kwiSantos.
Ubeyibamba kuleli qembu laseKapa kwiNational First Division (NFD) ngaphambi kokuthi lidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
“Besidinga umdlali onesipiliyoni, osevuthiwe okuyikhona obekushoda eqenjini,” kusho umqeqeshi weqembu le-United leMultichoice Diski Challenge (MDC), uKwanele Kopo.
“Besimdinga umgadli omuhle. Ngesikhathi efika kithina sizomhlola ngabona ukuthi ungomunye wabagadli abahle esengike ngababona. Uvuthiwe, unamandla nejubane. Yilokho ebesikudinga,” kusho uKopo.
USmith useshaye amagoli ayisithupha kwiMDC lapho i-United yenza kangcono kunangesizini edlule njengoba iyibambe endaweni yesithathu kwilog. Ngesizini edlule iqede ibalwa namaqembu asemsileni.
“Abanye bese bemdelile kodwa uma eqhubeka edlala ngale ndlela kungenzeka lugcwaliseke uhambo lwakhe lokugcina edlala ibhola esigabeni esiphezulu,” kusho uKopo ekhuluma nabezindaba ngemuva kwemidlalo yeMDC.
USmith uke wasayiniswa AmaZulu FC esadlala kwi-Absa Premiership ngo-2014 esuka kumajuniya e-Ajax Cape Town. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-18. Akalitholanga ithuba lokudlala ngemuva kokuxoshwa komqeqeshi owayemlandile uCraig Rosslee.
Lo mdlali akusiyena yedwa onikwa ithuba lokudlala kwiMDC, osedonse iso lomqeqeshi wesikwati esikhulu kwi-United, u-Eric Tinkler.
Nabanye ozakwabo bayalithola ithuba njengoSipho Mbule noFagrie Lakay.
Iqembu likaTinkler elihleli endaweni ka-11 kwi-log lidonsa kanzima ngemuva konyaka omude liyibambe nasemidlalweni yeCAF Confederation Cup.
I-United igcine ihlulwe kowamanqamu kulo mqhudelwano wase-Afrika, nokuyinto uTinkler avumile ukuthi ibahlukumezile abadlali emoyeni.
Wakusho ukuthi ngenxa yokucinana kwemidlalo yabo uzodinga nabanye abadlali “abazophakamisa isandla baziveze” uma benikwa ithuba.
Kule nyanga i-United inemidlalo eyisishiyagalombili kanti izoqala ngoweKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.