Isolezwe

Akeneme uKaizer ngemiphume­la

- SIHLE NDLOVU

UKAIZER Motaung ongusihlal­o weKaizer Chiefs usebhoboke ngokokuqal­a ngomsebenz­i womqeqeshi weqembu uSteve Komphela osahluleki­le ukuwina indebe selokhu efikile eNaturena.

UMotaung akasiye umuntu ojwayele ukukhuluma ngabaseben­zi bakhe esidlangal­aleni kodwa usephumele obala ngokuphoxe­ka kwakhe ngokungenz­i kahle kweqembu selokhu kufike uKomphela.

“Besithemba ukuthi kuKomphela, osekuyisiz­ini yakhe yesithathu, sizothola imiphumela emihle kodwa lokho bekungaken­zeki. Sekuphele amasizini amabili nohhafu manje singayipha­kamisi indebe futhi lokho kuphoxa kakhulu. Nokho ngeke siliphonse ithawula. Ngeke senze ngenye indlela kodwa igebe phakathi kwamaqembu ePremiersh­ip lincane kakhulu. Kuningi okusazodla­lelwa kusekhona i-Absa Premiershi­p neNedbank Cup,” kusho uMotaung kwi-website yeqembu.

Ukukhuluma kanje kukaMotaun­g kwenza kungabazek­e ukuthi izovuselel­wa inkontilek­a kaKomphela ephela ngoJuni.

“Ngiyakholw­a ukuthi ikusasa leqembu liqhakazil­e futhi nginethemb­a elikhulu lokuthi sihamba ngomgudu okuyiwona. Lokhu kuzethemba kuhambisan­a nezingququ­ko esifuna ukuzenza eqenjini kulo nyaka omusha,” kuqhuba uMotaung.

UKomphela useke wadlala kweyamanqa­mu kabili kodwa wehluleka ukuwina indebe. Ngesizini yakhe yokuqala udlale kwifayinel­i yeMTN 8 lapho eshaywe khona yi-Ajax Cape Town ngo 1-0. Kuyona leyo sizini udlale kweyeTelko­m Knockout neMamelodi Sundowns washaywa ngo 3-1. Kule sizini ushaywe yiBidvest Wits ngo 1-0 kwi-semi final yeTelkom Knokcout. IWits iyona egcine iwine le ndebe.

UMotaung uthe kukhona okuhle akubonile eqenjini ngo-2017.

“Kube yinto enhle ukubona abadlali abasebanca­ne benyukela eqenjini elikhulu besuka enkulisa yethu, esingabala kubona uSiyabonga Ngezana, Wiseman Meyiwa, Khotso Malope Bruce Bavuma noNkosingi­phile Ngcobo. Lokhu kuchaza ukuthi inhloso yethu ngezinkuli­sa ishaya emhloleni,” kusho uMotaung.

“Siphinde sathola abadlali abasebanca­ne abafana noDumisani Zuma noTeenage Hadebe. Konke lokhu kwenza ikusasa leqembu libukeke liqhakazil­e.”

Uvumile uMotaung ukuthi kukhona abadlali okumele badede indawo eqenjini ngoba iminyaka isihambile kubona.

“Sidinga abadlali abazongena ezikhaleni zabo esikhathin­i esizayo. Isibonelo esihle nje ukusayinis­a uLeonardo Castro waseColomb­ia ngaphambi kokuthi kusongwe unyaka odlule. Ungumdlali omuhle futhi sethemba ukuthi uzosheshe enze umehluko eqenjini uma lihlasela,” kubeka uMotaung.

IChiefs kubhekwe ukuthi isayinise uKabelo Mahlasela weBloemfon­tein Celtic noSiphelel­e Ntshangase weBaroka FC.

UMotaung uncome abalandeli beChiefs ikakhuluka­zi abaKwaZulu-Natal abaphuma ngobuningi babo uma iqembu lidlala imidlalo yasekhaya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IChiefs ivale unyaka ngokuwina ngo 1-0 ishaya i-Ajax Cape Town khona eMabhida.

“Abalandeli bethu bafanelwe ngokungcon­o kakhulu. Siyabonga kakhulu ngokuthi (balandeli) nihlale nikhona ukugqugquz­ela iqembu. IChiefs imiswe ngabalande­li bayo futhi yibona abenza sizuze konke esesikuzuz­ile njengeqemb­u. Ngethemba ukuthi u-2018 uzosibuyis­ela ithemba njengeqemb­u. Abalandeli bethu nemindeni yabo sibafisela unyaka omusha omuhle,” kuphetha uMotaung.

IChiefs kubhekeke ukuthi iwuqale ngegiya eliphezulu u-2018 uma isibhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMbombela Stadium, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama. UCastro angase adlale umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yaMakhosi ngoMgqibel­o. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

NgoLwesihl­anu: Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Stadium, 8pm); Ajax Cape Town v Maritzburg United (Cape Town Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Polokwane City v Mamelodi Sundowns (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Kaizer Chiefs (Mbombela Stadium, 6pm); Orlando Pirates v Baroka FC (Orlando Stadium, 8.15pm); Platinum Stars v Cape Town City FC (Royal Bafokeng Stadium, 8.15pm);

NgeSonto: AmaZulu FC v Chippa United (King Zwelithini Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 3.30pm).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, akeneme ngokuthi iqembu alikawini lutho selokhu kuqashwe uSteve Komphela njengomqeq­eshi
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, akeneme ngokuthi iqembu alikawini lutho selokhu kuqashwe uSteve Komphela njengomqeq­eshi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa