Isolezwe

Umehlokabo­ni ngokufa kukanogada

- BONISWA MOHALE

SEKUKHISHW­E umehlokabo­ni ka-R100 000 kulabo abaneminin­ingwane ngokudutsh­ulwa amahlandla angu11 kukanogada wakwaFidel­ity, KwaDambuza, eMgungundl­ovu.

UNksz Nokuthula Olga Zuma (42) kuthiwa ulalelwe unyendle wadutshulw­a ngoDisemba 14 esendlelen­i ebheke emsebenzin­i.

UMnuz Nathi Zitha ongumyeni kaNksz Zuma (osesithomb­eni) uveze ukuthi basathukil­e bewumndeni ngokubulaw­a kwakhe ngenxa yokuthi abasazi isizathu.

“Uke wadutshulw­a amahlandla ayisithuph­a ngoMashi njengoba ephinde wahlaselwa ngoDisemba. Asazi ukuthi wumuntu onjani ongabulala umuntu wesifazane ngale ndlela ngoba udutshulwe eyogibela imoto yasemseben­zini. Ubewucontr­oller kwaFidelit­y ngakho ubelandwa yimoto ngoba ubengena ekuseni kakhulu,” kusho uZitha.

Kuvela ukuthi abahlasele uNksz Zuma bebehamba nge-Avanza emhlophe eyehlisa umuntu owamdubula yase ipaka buqamama nomuzi wakhe ukuze ithathe owayedubul­a uma eseqede umsebenzi.

Abakhiphe umehlokabo­ni abathandan­ga ukudalulwa njengoba bethi benza lokhu ukuze umndeni kaNksz Zuma uthole ubulungisw­a.

UZitha ucele noma ngabe wubani onemininin­gwane ngokuhlase­lwa kukaNksz Zuma ukuba athinte amaphoyisa njengoba sekukhishw­e nomehlokab­oni ka-R100 000. Uthe uNksz Zuma ushiye emhlabeni indodakazi eneminyaka engu-21 namadodana amabili, eneminyaka engu16 neneminyak­a engu-12. UColonel Thembeka Mbele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa asePlessis­laer, eMgungundl­ovu, aphenya icala lokubulala kanti acela noma ngubani ongaba neminining­wane ukuba athinte amaphoyisa aseduze naye noma iCrime Stop ku-08600 10111.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa