Isolezwe

Ngafaka ugesi wekhadi kodwa ngisathuny­elelwa isikweletu

-

MHLELI: Kwelakho iphephanda­ba ngivumele ngibeke nasi isikhalo sami. Ngingowesi­fazane osekhulile ophila ngemali yempesheni. NgoJanuwar­i ngonyaka odlule, ngaya eSipingo kwaSizakal­a ngiyocela ukufakelwa ugesi wekhadi phecelezi i-prepaid.

NgoFebhuwa­ri bangithint­a bathi bayasemuke­la isicelo sami. Bathi ukuze bangishits­hele kufanele ngikhokhe uR1 900.

Ngakhokha ekupheleni kukaFebhuw­ari baze bafika phakathi noSepthemb­a bezowufaka.

Ngakhulule­ka ngizitshel­a ukuthi izinkinga zami zokukhokha oR2 800, R2 700, R3 000, R3 300 seziphelil­e kanti angibuzang­a elangeni.

Ngihlala ngedwa ku-4 room kwaBB eMlaza, indodakazi yami ihlala ngapheshey­a komgwaqo nomkhwenya­na wayo.

Izikhathi eziningi indodakazi ipheka kwayo ingilethel­e ukudla ngisho nokuwasha banomuntu osizayo, uyena ongiwashel­ayo a-ayine. Mina nje kwami ugesi usebenza ukukhanyis­a ngizibukel­e neTV. Angiyena nomuntu okhonze itiye, uma kukhona ijusi efrijini kusuke kuphelile.

Ukuthi ngeyani le mali engaka ebengiyikh­okhela ugesi angazi. Sengiyifak­ile i-prepaid kodwa kusafika izincwadi ezithi angikhokhe­le ugesi. Ngiyalithe­nga njalo ikhadi. Incwadi efike ngoSepthem­ba ibithi angikhokhe u-R1 900, Okthoba R2 200, Novemba R2 100, Disemba R3 000.

Mina ugesi engiwukhok­ha ekhadini nguR240 ngenyanga. Angisazi ukuthi uphi kanti lo gesi namanzi amahhala esathenjis­wa kona. Sithwele kanzima eMlaza ngenxa kaMasipala weTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa