Umyeni wamfaka ugqozi lebhodwe
UKUBA nomyeni opheka ukudla ajwayele ukukudla uma ezikhiphele ezitolo ezidayisa ukudla okusheshayo kumfakele ugqozi lokuthi naye abe ngumpheki.
UNkk Zanele Hadebe van Zyl (38) odabuka eSteadville, eMnambithi, kodwa osezinze eGoli ungumnikazi wenkampani efundisa omakoti abasebancane ukupheka iCooking with Zanele.
UNkk Van Zyl ube eseba nesifiso sokushintsha umsebenzi wakhe wokuba wuchwepheshe wezamakhompyutha ngo2012 ngesikhathi esekhefini lokubeletha.
“Umyeni wami uyakuthanda ukupheka futhi uma epheka upheka izinto ezikumangazayo. Mina kunokudla ebengihlale ngicabanga ukuthi kuphekwa ezitolo ezidayisa ukudla okusheshayo kuphela kodwa yena ubekupheka. Bekuthi njalo uma ekuphekile ngimangale ngoba ngicabanga ukuthi kuphekwa ngabantu abakufundele ukupheka. Bengihlale ngizitshela ukuthi nami ngiyafuna ukumphekela ukudla okuzokwenza ukuthi angawuvali umlomo. Bekungekhona ukuthi nginomona ngakwenzayo kodwa mina bengifuna ukuthi nami ngenze okuhlukile, ngibe umakoti okwaziyo ukupheka ukudla okuthile okuzojabulisa umndeni wami.”
Uthe ngaphambi kokuthi ahlangane nomyeni wakhe ubekuthanda ukupheka kodwa ubepheka ngendlela ejwayelekile.
“Ngatshela umyeni wami ukuthi ngifuna ukuya esikoleni sokufundela ukupheka. Ngathi ngizoyeka umsebenzi wami wokusebenza ngobuchwepheshe bamakhompyutha, i-Information Technology (IT). Waqale wangayizwa kahle le ndaba yami. Ngalokhu ngiyiphindaphinda njalo wagcina ethi kulungile ngingaya kofunda,” kusho yena.
Ngo-2016 eseqedile ukufunda wazitshela ukuthi ufuna ukwenza into ehlukile yingakho ekhethe ukufundisa omakoti abathanda ukupheka kodwa abangenaso isikhathi sokuya ezikoleni zokupheka.
Njengamanje akasagcini ngokufundisa omakoti kodwa usefundisa nabanye abantu abathanda ukupheka ukudla okumnandi.
“Bengithatha abantu abangu-10 kuya phansi ngesikhathi kodwa umyeni wami wathi indlela engaba kahle kulo msebenzi wami ukuthi ngiqashe ikhishi engizolisebenzisa ukuze ngikwazi ukwamukela abantu abaningi. Lokho wathi kuzongikhulula ukuthi ngizazi ukuthi ngisemsebenzini ngingabi sekhaya. Nebala ngenza njengoba esho. Njengamanje nginamakilasi eGoli, eThekwini, eNewcastle naseMnambithi,” kusho yena. Amakilasi akhe uwahlela ngokuthi yisiphi sikhathi sonyaka. Uma sekusondele uKhisimusi uthe uba namakilasi ezidlo ezilungele ukudliwa ngoKhisimusi.
“Uma kuqala uJanuwari ngenza ama-lunch box. Kuwo wonke amakilasi ami ngiyaqaphela ukuthi ngibe nesidlo esilungele ukudliwa yibo bonke abantu; kungaba abantu abangayidli inyama noma abadla ukudla okunempilo kuphela. Kubalulekile ukuthi njalo ngikwenze lokhu ngoba njengoba ngigxile ekufundiseni omakoti ukupheka emndenini ngamunye kuba nelungu lomndeni okumele lidle ngendlela ethile. Angifuni ukuthi umakoti azithole esexakekile engazi ukuthi uzophekani,” kusho yena.
Uthe ukuzisebenza kwehlukile kunokuqashwa, ngesinye isikhathi uba nengcindezi yokuthi abantu abafuna ukufunda baningi kakhulu kunesibalo akwazi ukusamukela.
“Kumele uzifundise ukuthi umelana kanjani nengcindezi yomsebenzi osuke uwukhethile,” kusho yena.