Isolezwe

Amaqembu akhokhobel­a owe-Arrows

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UYINYAMA umdlali weLamontvi­lle Golden Arrows, uSiphelele Magubane, ofunwa yiCape Town City neBidvest Wits.

Isolezwe lihoshe ngomthombo walo othembekil­e ukuthi iCity ifuna ukuvala isikhala esivuleke kuhamba u-Aubrey Ngoma ngoMaguban­e.

“UMagubane wenza kahle futhi usedonse iso lamanye amaqembu agijima kwi-Absa Premiershi­p. I-Arrows yamthola lo mfana ezidlalela eKapa kwiNationa­l First Division kodwa manje usefunwa yiCape Town City neBidvest Wits. Usihlalo weqembu uMato Madlala usemanqika noma amdedele yini. Kodwa mhlawumbe uzomdedela enze imali njengoba enza nakuBongi Ntuli ngesikhath­i emdayisela iMamelodi Sundowns,” kusho umthombo.

UMagubane uyiqale kahle isizini. Useshaye amagoli amane emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p kule sizini. ICity ilahlekelw­e nguNgoma ojoyine iSundowns. UNgoma ubefana nomgomgodl­a weCity ngamagoli akhe abewashaya nabewakhel­a iqembu. Kuthintwa uJohn Comitis ongusihlal­o weqembu ngoMaguban­e ukhale ngokuthi ngeke akwazi ukuphawula ngaye.

“Ngeke ngikhulume ngomdlali onenkontil­eka neqembu lakhe. Uma simfuna sizoxhuman­a ne-Arrows ngoba usenenkont­ileka nayo,” kusho uComitis. Ucingo lukasihlal­o we-Arrows uMadlala beluvaliwe ngesikhath­i ethintwa ukuze aphawule ngoMaguban­e izolo.

ICity imatasa izama ukuvala izikhala zabadlali abahambile. Ishiywe nguLehloho­nolo “Major” Majoro. Indawo yakhe iyivale ngomgadli waseKenya uMasound Juma. Lo mgadli uqede njengomsha­yimagoli ovelele eKenya. Ubasele enethini amagoli angu-17 emidlalwen­i yeligi.

NgoJuni leli qembu lizohlukan­a noRobyn Johannes osesayine inkontilek­a yesibambis­o neWits. Indawo yakhe bayivale ngoKwanda Mngonyama ovele esekwiCity.

Leli qembu lizama ukuthola uBrilliant Khuzwayo noKeagan Buchunan kwiKaizer Chiefs. ICity izobhekana nePlatinum Stars emdlalweni wePremiers­hip eRoyal Bafokeng Stadium, ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

Abafana Bes’thende sebevele basayinise uDanny Venter obegjima kwiFree State Stars ongomunye wabadlali abazobanga ijezi noMagubane kuleli qembu. Iphini lomqeqeshi uMandla Ncikazi lithe nakuba befisa ukuqinisa iqembu kodwa ukuntula inkece kweqembu kwenza bangakwazi ukwenza ngendlela abafisa ngayo.

“Sinazo izindawo esifisa ukuziqinis­a kodwa besingakan­qumi ukuthi sizothatha kubafana abancane eqenjini noma sizokwenza ngenye indlela. Sibheke ukuthi uma ikhona indlela sithathe kubo laba bafana esinabo,” kusho uNcikazi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa