Isolezwe

UMahachi ucacisa ngokushiya i-Arrows

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISITHANDWA sabalandel­i beLamontvi­lle Golden Arrows, uKudakwash­e Mahachi waseZimbab­we sibhoboke okokuqala ngesimo saso kuleli qembu laseThekwi­ni nezindaba ezisabalel­e ngokufuduk­ela kwaso eGoli lapho siyojoyina khona i-Orlando Pirates.

Nakuba amahlebezi ekhomba ukuthi uMahachi uya kwiPirates (manje ngoJanuwar­i) njengoba kuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali kodwa enkulumwen­i lo mdlali abe nayo naleli phephandab­a njengoba bekuvalelw­e amaholidi kaKhisimus­i, ukubeke kwacaca ukuthi uzohamba uma sekuphele isizini.

Ngesikhath­i uMahachi efika kwi-Arrows esuka kwiMamelod­i Sundowns ngo-2014 akuzange kucace noma uthengwe ngokugcwel­e kuyona noma ubebolekis­iwe. Lokhu kungacaci kwekusasa lalo mdlali bekwenza umqeqeshi we-Arrows uClinton Larsen ahlale engazi noma uMahachi uzobuya noma cha.

Ngasekuqal­eni kwale sizini obengukapu­teni wePirates, u-Oupa “Ace” Manyisa, usayine kwiSundown­s lavela igama likaMahach­i kuthiwa uzosuka kwi-Arrows aye kwiPirates. Ngaleso sikhathi imibiko ngalokhu ibikhomba ukuthi konke sekusele ekutheni uMahachi agibele aye eGoli. Nokho akuzange kwenzeke lokhu ngoba uMahachi ubengakufi­hli ukungathan­di kwakhe ukuya kwiPirates.

“Yiqiniso ukuthi ngiyahamba uma kuphela isizini ngiya kwiPirates. Akusasho lutho ukuthi bengisatha­nda yini ukuhlala kwi-Arrows noma cha ngoba izingxoxo bezingekho ezingeni lami. Amaqembu womabili akhulume aqeda mina ngatshelwa okuzokwenz­eka. Ingithengi­le iPirates. Ngizohamba uma kuphela isizini esimaphaka­thi nayo,” usho kanje ekhuluma neSolezwe. Yisitayela sakamuva sabadlali ukuthi babheke kuqala lapho beya khona ukuthi amathuba okudlala angakanani hhayi njengakuqa­la lapho umdlali ayenele amataniswe neqembu elithathwa njengelikh­ulu angabe esakubheka okunye ngoba esebuswa wudumo nobukhazik­hazi beGoli.

Ephendula kulokhu uMahachi uthe: “Isimo sami sihlukile kulokhu ngoba uRulani (Mokoena) uyena obengifuna futhi lokhu ngikwazi ngoba nangesikha­thi esekwiSund­owns ubehlale njalo ekulwela ukuthi anginikwe ithuba.

UMahachi uyinsika naseqenjni lesizwe laseZimbab­we elibophele uWillard Katsande, Khama Billiat, Knowledge Musona noTendai Ndoro ukukha nje phezulu.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa