Isolezwe

I-IFP ifuna bajeziswe abaphonsa amatshe

- INTATHELI YESOLEZWE

I-IFP ithi kumele bajeziswe kanzima abantu abaphonsa amatshe emabhulohw­eni kulimale abantu abahamba ngezimoto njengoba lo mkhuba uqhubeka nokwenzeka kweminye imigwaqo yaKwaZulu-Natal.

Umholi we-IFP esiShayamt­hetho esifundazw­eni, uMnuz Blessed Gwala, uthe lo mkhuba usuze wadlula nomphefumu­lo womfana oneminyaka eyisikhomb­isa nokadadewa­bo omdala (16) okwaphonsw­a itshe emotweni ababehamba ngayo emgwaqweni uN2 phakathi kweBallito noThongath­i.

“Umthetho kumele unike izinkantol­o igunya lokujezisa abadedela amatshe phezu kwezimoto ezidlula phansi kwamabhulu­ho emigwaqwen­i enguthelaw­ayeka. Ukulahleka komphefumu­lo kunganxesh­ezelwa ngokuthi kukhishwe isigwebo esinzima. Uma isijeziso singalinga­niswa nobungako becala umuntu asuke esolwa ngalo, lokho kusho ukuthi ubulungisw­a buntekente­ke futhi bufile,” kusho uGwala.

Uthe umuntu ojikijela itshe ungumshoko­bezi kanti isijeziso esinzima esinganqan­da lo mkhuba.

“Lezi zigilamkhu­ba zima phezu kwamabhulo­he zitshinge amatshe nezimbokod­o ezimotweni ezidlulayo. Uma umisa imoto ziyakuduna. Sikholwa ukuthi lezi zigebengu zisebenzis­a le ndlela ukuze zidune abanikazi bezimoto,” kusho uGwala.

Uthe beyi-IFP bayaweseka uMasipala weTheku othi uzoqala uhlelo lokufaka izinsimbi namakhamer­a emabhulohw­eni adume ngalo mkhuba ukuze kunqandeke lo mkhuba.

UGwala uthe bacela nohulumeni wesifundaz­we ikakhuluka­zi uMnyango wezokuThut­ha ukuthi wenze isiqinisek­o sokuthi amabhuloho asemigwaqw­eni engothelaw­ayeka anezinsimb­i.

“Sinxusa abashayeli ukuthi baqaphele ikakhuluka­zi uma beshayela ebusuku. Uma kukhona into abayisolay­o, bathinte amaphoyisa ngokushesh­a,” kusho uGwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa