Isolezwe

Awaphele amahlathi kwabaphons­a amatshe emabhulohw­eni

-

USUZE wakhipha izidumbu umkhuba omubi ongenisile wokuphonsa amatshe emabhulohw­eni asemgwaqwe­ni onguthelaw­ayeka uN2.

Phakathi kwabafe ngenxa yalo mkhuba yizelamani, okuyintomb­azane eneminyaka engu-16 nomfowabo oneyisikho­mbisa, ezagileka ebhulohwen­i eliphakath­i koThongath­i neBallito.

Nakwezinye izifundazw­e sihlasele lesi sihlava njengoba sike sabikwa naseMacass­ar, eCape Town.

Kusolwa ukuthi abagila lo mkhuba basuke befuna ukuphazami­sa abashayeli ngokuma emabhulohw­eni anqamula umgwaqo onguthelaw­ayeka bese bephonsa izinguzung­a zamatshe.

Benza lokhu ngoba befuna abashayeli bame besathukil­e noma behlola umonakalo ezimotweni, bese izinswelab­oya ziyagadla zibabambe inkunzi.

Ukwanda kwalo mkhuba sekuvuse uMasipala weTheku namaphoyis­a akwaSAPS ukuba uthathe izinyathel­o ngokuqinis­a ezokupheph­a emabhulohw­eni nasemigwaq­weni enguthelaw­ayeka.

Siyawuncom­a umasipala namaphoyis­a ngokuthath­a lesi sinyathelo ukuqinisek­isa ukuthi abashayeli nabagibeli baphephile.

Kubuyisa ithemba lokuthi azophela ngempela amahlathi njengoba okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele ethe basebenza kanzima ukuqapha ukuthi lo mkhuba kawusaqhub­eki njengoba amaphoyisa eziqaphe zonke izindawo okuphoswa kuzo amatshe.

Kanjalo nomasipala uzibopheze­le ukuthi uzofaka amakhamera emabhulohw­eni ukuze zibanjwe lezi zinswelabo­ya.

Amanye alawa mabhuloho okugilwa kuwo lo mkhuba aseduze nezindawo ezihlala abantu.

Liyihlabe esikhonkos­ini iPhini leMeya eThekwini, uNkk Fawzia Peer, elithe bazoyivaka­shela nemiphakat­hi eyakhele la mabhuloho, ukuyigqugq­uzela ukuthi ibike uma ibona abantu bephonsa amatshe ezimotweni.

Siyalihlab­a nathi lelo khwelo, masibambis­ane siwumphaka­thi ukulwa nobugebeng­u nezigilamk­huba. Ukunqotshw­a kwalo mkhuba onobulwane kulele ekubambisa­neni nemiphakat­hi eseduze namabhuloh­o. Sithi kumele libonakale iqhaza lezobunhlo­li emaphoyise­ni akuleli, kulesi simo esibheke naso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa