Isolezwe

Angase abhuquze ekhaya othole o-A

- ZANELE MTHETHWA

USABA ukuthi angase abhuquze ekhaya unyaka wonke uma engaluthol­i uxhaso lokufunda enyuvesi, umfundi waseNanda odabule o-A abayisikho­mbisa.

UVuyani Ncube (17) obefunda u-matric eMqhawe High eNanda, uzimisele ukuyokwenz­a i-Actuarial Science okuyizifun­do ezihambela­na nezezimali e-University of Cape Town (UCT).

UVuyani obenza izifundo eziyisishi­yagalombil­i, uthole o-A kwiMaths, isiZulu, English, Accounting, Life Orientatio­n, Physics neLife Sciences. Esifundwen­i sesishiyag­alombili okuyiMarit­ime Economics, uphase ngoB.

Utshele Isolezwe ukuthi wafaka isicelo e-UCT sebemphend­ulile wamukelwa kodwa akazi ukuthi uzokwenze njani ngoba ngisho imali yokuhlala ngeke ihlangane.

“Ekhaya abazali abasebenzi, baphila ngokudayis­a. Kunewele lami elifunda uGrade 11 nodadeweth­u ofunda uGrade 7 nabo abanezidin­go zesikole,” echaza.

UVuyani uthe ubezikhand­la, asale yedwa esikoleni efunda. Uveze ukuthi ubesala uma kuphuma isikole aze agoduke ngo7.30 ebusuku. Ubephinde afunde ngasese ngezimpela­sonto, abuyele esikoleni esezotadis­ha yedwa kuze kuhlwe.

Uthisha wakhe uMnuz Sanele Mthembu uthe ubevele elindele ukuthi umfundi wakhe uzogila izimanga ngenxa yokuzimise­la kwakhe.

Uthe akangabazi ukuthi nasenyuves­i uzofike aliphakami­se igama lesikole sakhe.

Uthishanhl­oko uMnuz Sipho Mthembu, uthe uVuyani ubuyise isithunzi nokuziqhen­ya esikoleni. Uthe kwagcina ngo2013 ukuba nomfundi othole o-A abayisikho­mbisa.

“Omunye umfundi wabathola o-A ngo-2011, bobabili sebengamaA­ccountant futhi bayabuya bazokhutha­za abafundi bethu. Siyathemba ukuthi izifiso zikaVuyani zizophumel­ela, akwazi ukuqhubeke­la enyuvesi,” kusho uthishanhl­oko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa