Isolezwe

Sekuyafund­wa ezikoleni ezithole imiphumela emihle

- ZANELE MTHETHWA

SEZIQALILE ukufunda izikole zaseNanda ezidume ngemiphume­la ka-matric emihle, njengoba zithi zifuna ukuthi baphase bonke abafundi kulo nyaka. Sekuyisont­o lesibili abafundi baka-matric baseJG Zuma High naseMqhawe High beqale ukufunda.

Isolezwe livakashel­e lezi zikole ngoMsombul­uko, kusha umsebenzi kothisha abathe balwela ukuthi kwenyuke imiphumela. UMnuz Thembokuhl­e Mthembu onguthisha­nhloko eJG Zuma, uthe imiphumela ka-matric wanyakenye ephume ngoLwesihl­anu ibafice bevele sebefunda njengoba bevule ngoLwesith­athu olwedlule. Lesi sikole sithole u-97.4% ku-matric, okukhombis­a ukunyuka uma kuqhathani­swa no-95% wango2016.

“Kufeyile abafundi abahlanu kuphela futhi yilabo abebevele benezinkin­ga, bengenzi kahle. Isikole singena ngo-6 ekuseni njengoba sesiqalile ukufunda ngoba sifuna ukubuyela ekutholeni u-100% esawuthola ngo-2013. Sizoqhubek­a nokufundis­a ngezimpela­sonto nangamahol­idi. Uma sekuzobhal­wa isikole sizosiphen­dula i-boarding school ngoba abafundi bazobe sebehlala khona esikoleni betadisha,” kuchaza uMthembu.

Uthe unethemba elikhulu lokuthi bazobuyela ku-100% ngoba imiphumela yangonyaka odlule inyukile. Bangu-76 abafundi abaphase ngeBachelo­r, kwathi abangu-51 bathola o-A. Kuphinde kwaba nabafundi abavelele, okunguStha­ndile Ncwane othole o-A abayisikho­mbisa noMgcini Mhlophe othole abayisithu­pha. Imiphumela yaseJG Zuma yenze ukuthi lesi sikole siphume phambili kweziphase kahle ezikoleni zaseNanda.

Uthishanhl­oko waseMqhawe, uMnuz Sipho Mthembu ukhale ngabafundi ababedudul­iwe athe yikona okwenze bangaphasa ngezinga abebelilin­dele ngonyaka odlule. Nakhona baqale ukufunda ngesonto eledlule futhi kufundwa amahora aphelele.

Isikole sithole u-71.6% ngonyaka odlule, sisuka ku-69% ngo-2016. Lokhu kubuyise ithemba kuMthembu othe uzimisele ukuthi bathole okungenani u-90% nonyaka.

“Nginesiqin­iseko sokuthi abafundi baka-matric balo nyaka bazokwenza kangcono kakhulu, banyuse nemiphumel­a. Sikhethe ukuthi sisheshe sivule ukuze sizihlelel­e ukusebenza kanzima unyaka wonke.

Sinabafund­i esiziqheny­ayo ngabo abakhiqizw­a yilesi sikole emlandweni kanti sifisa ukukhiqiza nabanye,” kusho yena.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA ?? ASHESHE aphela amaholidi kubafundi baseJG Zuma eNanda asebeqalil­e ukufunda. Lapha bathathwe nothisha weMaths Literacy uMnuz Sihle Ngidi
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA ASHESHE aphela amaholidi kubafundi baseJG Zuma eNanda asebeqalil­e ukufunda. Lapha bathathwe nothisha weMaths Literacy uMnuz Sihle Ngidi
 ??  ?? BAYITHEMBA lokwenyusa imiphumela abafundi baka-matric eMqhawe High eNanda, abaqale ngesonto eledlule ukufunda, abathathwe nomunye wothisha babo uMnuz Elliot Mthiya
Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/ANA
BAYITHEMBA lokwenyusa imiphumela abafundi baka-matric eMqhawe High eNanda, abaqale ngesonto eledlule ukufunda, abathathwe nomunye wothisha babo uMnuz Elliot Mthiya Isithombe:MOTSHWARI MOFOKENG/ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa