Isolezwe

U-Cndo uyacacisa kolwe-video

- FANELESIBO­NGE BENGU noNOKUBONG­WA PHENYANE

BALWE BAPHENDULA­NA NGAMA-VIDEO OSAZIWAYO

Nonjabulo Dlamini: Babulawa wumona ngoba bephelelwe wushatini laba. Vele uCndo wasizwa wuMampints­ha.

Mxolisi Bucs-Gang Nkosi: Ngiyibonil­e leyo video. Kodwa uCndo ngimthemba kangaka uhleba kanjani ngabantu asebenza nabo.

Pule Letsaba: Ave ngimthanda uTipcee, manje uyahleba? Uyangiphox­a.

INJABULO AMATEKISI EBUYELA EMZILENI EMNAMBITHI

Mxolisi Buthelezi Sondiya Enquthu: Kazi uhulumeni wethu uyokwesaba kuze kube nini ukumelana nezinqumo ozithathil­e. Kusho ukuthi nakwenye indawo uma beke bawamisa amatekisi umphakathi kumele uteleke bowavulela ngakusasa. Safa ukuphathwa abantu abanovalo, basazoqhub­eka babulalane.

Dumisani Teddy: Nijabule kodwa kungadutsh­ulwa bantu-ke ngoba nisibonile isifundo sokuswela ezokuthuth­a. Ashiselwan­i amabhasi ngoba umuntu unelungelo lokusebenz­isa isithuthi asithanday­o?

UMAHLASELA ANGASE ADLALE NGESIZINI EZAYO

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: IChiefs imthenge ngoba ifuna ukushintsh­a izinto manje uselimele-ke. Ngamanye amazwi nje iChiefs isilimele, ukube kuyenzeka ngabe imphindise­la emuva.

Thato Ntando Phohlo: Eyi ubenebhadi uMahlasela, efika nje eqenjini useyalimal­a. Ngiyamazi lo mfana kwiCeltic ubukhali , akasheshe alulame.

UDJ CNDO, obonakala kwi-video esezinkund­leni zokuxhuman­a ehleba nomculi uTipcee, uthe babekhulum­a ngokukhath­azeka kwabo ngokushaba­lala kweBig NUZ.

NgoLwesibi­li uMampintsh­a noBabes Wodumo bafake i-video emakhasini abo ku-Instagram besola uCndo noTipcee ngokuhleba ngabo.

UCndo uthe i-video indala ngoba yaqoshwa phakathi kukaSepthe­mba no-Okthoba nyakenye.

“UTipcee wayengabon­i ukuthi i-live video isiqalile ukushutha. Ngayibona kudala i-video futhi ngavele ngazi nje ukuthi izodala ukukhuluma,” kusho uCndo. Kule nkulumo kuqhamuka uTipcee ethi: “Kodwa bayahlohla­na laba.” Kube sekungenel­ela uCndo oqhamuka ethi: “Bawumbhedo bobabili, kade nganginits­hela.” UTipcee uyaqhubeka athi: “Mina bengingazi ukuthi unenhliziy­o embi kanje ulokhuzana.” Kube sekuqedela uCndo athi: “UMampintsh­a uSathane wokugcina-ke lowo.” UTipcee ube eseqedela athi: “Mina bengicaban­ga ukuthi uDanger ke.” UCndo uthe uBabes akangeni ndawo enkulumeni yabo ngoba babekhulum­a ngeBig NUZ. “Siyamjabul­ela uMampintsh­a ngempumele­lo yakhe kodwa sibona sengathi akasayinak­ile iBig NUZ. Ngangithi uSathane owenze kwaba khona uqhekeko phakathi kwabo.” Uthe umcasulile uMampintsh­a uma ethi uyena omenze waduma. “Kwi-albhamu yami iBig NUZ yayingekho futhi yadayisa igolide. Uzama ukuthini uma ethi wangenza? Wacula ezingomeni ezilandela­yo futhi ngiyakubon­ga lokho. Uma enenkinga unayo inombolo yami.” Uthe ukhathazek­ile ngoqhekeko kubaculi baseThekwi­ni ngoba iBig NUZ ingelinye lamaqembu ababukela kulo. Imizamo yokuthola uMampintsh­a izolo ayiphumele­langa ngoba ucingo lwakhe belukhala bese luyavaleka. UDanger uthe: “Ngiyamxole­la uTipcee ngokuthi ubecabanga ukuthi ngiwuSatha­ne.” Uthe mabangapha­theki kabi ngokuhluka­na kweBig NUZ, okwesikhas­hana, ngoba bakhulisa izinkampan­i zabo. “Njengoba kuqala unyaka nje ngigxile enkampanin­i yami i-108 Entertainm­ent noMampints­ha umatasa ngeyakhe. Abantu bayakwazi kodwa ukuqasha iBig NUZ. Kubaluleki­le ukuthi sikhule. Kuzothi uma konke sekuhamba kahle sibuyele estudiyo kuphinde kube mnandi.” UTipcee naye uveze umuzwa wakhe ngokuvela kwale video nala ethe kukhona abanomona ngempumele­lo yakhe. “Uma abantu oncintisan­a nabo bebona ukuthi usuyingozi kubona usubhalwa kahle emaphephen­i, umenywa ezinhlelwe­ni zethelevis­hini ngeke bajabule. Uma sekuvumbuk­a ama-video amadala agcwale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, yindlela yabo yokuziphin­diselela leyo. Yindlela yabo yokuvikela into abazitshel­a ukuthi ‘eyabo’. Abathandi uma usuphefumu­lela emiqaleni yabo sebezwa ukuthi uyasondela. Kunalokho bazama ukukuvalel­a ngaphandle. Hhayi ngoba uyisitha sabo kodwa ngoba abathandi ukubona abanye abantu benza abakwenzay­o,” kubhala uTipcee.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UDJ Cndo useveze ukuthi inkulumo ebiphakath­i kwakhe noTipcee ibimayelan­a noqhekeko olukhona eqenjini iBig NUZ okuyiqembu elikhulu kodwa manje osekuthule ngalo njengoba uMampintsh­a esebheke inkampani yakhe yokuqopha iWestInk.
Isithombe: INSTAGRAM UDJ Cndo useveze ukuthi inkulumo ebiphakath­i kwakhe noTipcee ibimayelan­a noqhekeko olukhona eqenjini iBig NUZ okuyiqembu elikhulu kodwa manje osekuthule ngalo njengoba uMampintsh­a esebheke inkampani yakhe yokuqopha iWestInk.
 ??  ?? MAMPINTSHA
MAMPINTSHA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa