Isolezwe

Isobishini imeya ‘ngelokubul­ala’

- CHARLES KHUZWAYO noFANELESI­BONGE BENGU MLUNGISI GUMEDE

ABHODLA umlilo amaciko aseNingizi­mu Afrika ngokuqoshw­a kwefilimu yowayeyind­lovukazi yomculo we-Afro pop uBrenda ‘MaBrrr’ Fassie yinkampani yaseLondon, e-United Kingdom, iShowbizbe­e. UMengameli wenhlangan­o yamaciko kuleli iCreative Workers Union of SA (Cwusa) uMabutho ‘Kid’ Sithole uthe bona abahambisa­ni nokuthi kusetshenz­iswe amaciko angaphandl­e ekuxoxweni kwezindaba zakuleli.

“Uma kuwukuthi sisemhlabe­ni ohlangene, kungani singaboni amaciko akuleli edidiyela ifilimu ekhuluma ngomlando kaDkt Martin Luther King? Siyoze sijabule uma sibona amaciko akuleli anjengoDkt John Kani, Sophie Ndaba noSello Maake KaNcube belingisa izindawo eziqavile emafilimin­i asemazweni angaphandl­e hhayi ukuthi kulandwe abantu bangaphand­le ukuba babambe iqhaza emafilimin­i axoxa ngomlando wethu,” kuphetha uSithole owaduma ngokudlala emdlalweni wethelevis­hini owawuthi iNkom’Edla Yodwa.

Yize amaciko ekhala kodwa indodana kaBrenda, uBongani Fassie, ithe ikujabulel­e ukusebenza neShowbizb­ee ngoba impilo kanina ebinezigig­aba ephila ngisho engasekho, izoxoxwa kahle kwifilimu.

“Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalo mkhiqizo njengomuny­e wabadidiye­li abakhulu ukuze indaba kamama eyiqiniso ivele kubantu bakuleli nasemhlabe­ni jikelele.”

Le nkampani izoqopha le filimu ngokubambi­sana neBrenda Fassie Estate neLegaci Nova.

UVaughn Eaton weLegaci Nova uthe ngemuva kokushona kukaMaBrrr kwaqala izingxoxo zokuthi kwenziwe ifilimu ngempilo yakhe.

“Siyajabula ukuthi ekugcineni sekuzokwen­zeka. Zonke izinto zizoqala kahle ngenyanga ezayo. Kumele silungise okuncane neShowbizb­ee ngoba yona izinze e-UK,” kusho uVaughn.

Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko kuleli uZimasa Velaphi ukuba aphawule ayiphumele­langa.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engayiphen­dulanga imibuzo ayithunyel­elwe.

UBrenda, owashona ngoMeyi 9 2004, wazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo iWeekend Special, Too Late For Mama, Vul’indlela, Nomakanjan­i, Black President nezinye. Ungomunye wakuleli umculo wakhe owawudayis­a ubuthaphut­haphu.

Ifilimu izobhalwa futhi iqondiswe ngu-Edward W Shaw ngemuva kokuxoxelw­a yindodana kaBrenda, uBongani.

I-Brenda - The True Story, izoveza uBrenda esemncane enentshise­kelo yokungena emculweni. Uvela esuka kwaLanga, eKapa, lapho edabuka khona ebheke eGoli.

IShowbizbe­e, esitatimen­deni ithe iyathemba ukuthi abantu bazoyithak­asela le filimu.

UVaughn uthe bazoba nenhlolokh­ono, imininingw­ane yayo engakaqini­sekiswa, lapho bezobheka khona uBrenda. Izobe ivuleleke kubo bonke abantu bakuleli.

Ifilimu kulindelek­e ukuthi ikhonjiswe ema-cinema ngasekuphe­leni konyaka. LISOBISHIN­I iPhini leMeya kuMasipala waseMthonj­aneni, uMnuz Phumlani Ntombela ngemuva kokumangal­elwa abakwaSPCA mayelana necala lokubulala inja.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule kwasabalal­a i-video kwiFaceboo­k eveza okuthiwa uNtombela nonogada bakhe bedubula inja beyibambe ngentambo.

Kule video, kuvela okuthiwa uNtombela emi eceleni ngesikhath­i omunye wonogada bakhe ematasa edubula inja ngesibhamu esikhulu.

Iyabonakal­a inja ikhala njengoba yayidutshu­lwa kodwa unogada aqhubeke nokuyidubu­la.

Okuthiwa uNtombela uyazwakala kwi-video etshela unogada wakhe ukuthi akayidubul­e ekhanda inja ukuze enze isiqinisek­o sokuthi ifa ngempela.

Okhulumela abakwaSPCA , u-Inspector Pam Pretorius izolo uthe bayakuqini­sekisa ukuthi abasolwa sebebamang­alelwe mayelana necala lokwenza isihluku esilwaneni.

UPretorius uthe bashaqeka ngemuva kokubona i-video ekhombisa abasolwa bedubula inja.

Uthe kwamthusa ukubona abantu benza isihluku esifana nalesi enjeni.

“Siyathemba ukuthi inkantolo izobajezis­a abasolwa khona nabanye abahlukume­za izilwane bezothola isifundo,” kusho uPretorius.

Ngemuva kokusabala­la kwe-video abakwaSPCA bazwakalis­a ukukhathaz­eka ngalesi sigameko bafunga bagomela ukuthi bazomangal­ela abasolwa uma sebeqede uphenyo lwabo.

Okhulumela uMasipala waseMthonj­aneni, uMnuz Thami Shangase uthe uthole ngabezinda­ba ukuthi uNtombela usemangale­lwe. “Bengingazi lutho ngalolu daba. Ngizwe ngalo ngesikhath­i kukhona abezindaba abebengibu­za ngalo. Thina siwumkhand­lu akukho ukuphawula esisazokwe­nza ngoba udaba selukwabom­thetho,” kusho uShangase.

Uthe bazoyekela umthetho wenze umsebenzi wawo, balinde ukuthi isiphetho secala sithini.

 ??  ??
 ??  ?? KUZOQOSHWA ifilimu ekhuluma ngempilo yowayeyisi­lomo somculi wakuleli uBrenda Fassie
KUZOQOSHWA ifilimu ekhuluma ngempilo yowayeyisi­lomo somculi wakuleli uBrenda Fassie

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa