Isolezwe

UMeyiwa usecele usizo kuMalema

- MLUNGISI GUMEDE noBONISWA MOHALE

UYISE kaSenzo Meyiwa, owayenguno­zinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMnuz Sam Meyiwa, unxuse uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema ukuthi angenelele ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMeyiwa uthe useliphons­ile ithawula ekutheni amaphoyisa kukhona asangakwen­za.

“Udaba lwami sengizolid­lulisela kuMalema, ngimcele ukuthi akangenele­le ngoba ngiyabona ukuthi ludinga umuntu ofana naye,” kusho uMeyiwa.

Uthe uke waxoxisana ne-EFF phambilini kodwa wayicela ukuthi ime kancane ukungenele­la ngoba kade esafuna ukunika ithuba amaphoyisa.

“Ngifuna i-EFF ingenelele odabeni lwecala nasemalini kaSenzo ngoba nakhona ngiyabona ukuthi kudlalwa ngami,” kusho uMeyiwa.

Uthe uzoqhubeka nokubanga umsindo ngokufa kwendodana yakhe baze bagcine beboshiwe abenzi bobubi.

“Ngeke ngize ngithule, bangamane bangibulal­e uma bethanda, ngisazoqhu­beka futhi nokufuna imali yendodana yami,” kusho uMeyiwa. Uthe imphethe kabi indlela umphathi wePirates uDkt Irvin Khoza aphethe ngayo udaba lwemali kaSenzo. “Abakwenze lokhu abakwenza kumina kodwa kuyayiwa ezulwini,” kusonga uMeyiwa. UMeyiwa uthe uyakholwa ukuthi ukube ukhomishan­a wamaphoyis­a kusanguMnu­z Bheki Cele ngabe kukhulunyw­a enye indaba ngecala lendodana yakhe.

“Amaphoyisa abengeke adlale ngami kanje ukube kusaphethe uCele,” kusho uMeyiwa.

USenzo wabulawa ngo-Okthoba ngo-2014, ngesikhath­i esekhaya lentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus eGoli.

Sekuphele iminyaka emithathu egcwele amaphoyisa ephenya ngecala lakhe kodwa lutho ukubopha abasolwa.

UBrigadier Vishnu Naidoo okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uthe lusaqhubek­a uphenyo ngokufa kukaMeyiwa, akukho okusha asebekutho­lile. UMalema akatholaka­nga izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Ilungu le-EFF esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal eliphinde libe ohlakeni oluhola isifundazw­e, uMnuz Vukani Ndlovu, lithe bayasamuke­la ngezandla zombili isicelo sikaMeyiwa sokuthi bangenelel­e ecaleni lokubulawa kukaSenzo.

“Empeleni kumele kube khona ubulungisw­a kuleli cala, abenzi bobubi baboshwe kungacwebi iziziba kube sengathi akuzange kwenzeke lutho,” kusho uNdlovu.

Uthe bayasola ukuthi umbulali kaSenzo uyaziwa manje ofakazi bayasaba ukumkhomba ngoba bebona angabuye abulale nabo.

 ??  ?? UMENGAMELI we-EFF UMnuz Julius Malema onxuswa ukuthi angenelele ekubulawen­i kukaSenzo Meyiwa
UMENGAMELI we-EFF UMnuz Julius Malema onxuswa ukuthi angenelele ekubulawen­i kukaSenzo Meyiwa
 ??  ?? UMNUZ Sam Meyiwa osecela i-EFF ukuba ingenelele ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe
UMNUZ Sam Meyiwa osecela i-EFF ukuba ingenelele ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa