Isolezwe

I-EFF ifuna amajaji kolukaZuma

- MARY JANE MPHAHLELE

I-ECONOMIC Freedom Fighters (EFF) iphakamise ukuthi kuqokwe ithimba lamajaji asethathe umhlalapha­nsi ukuthi alalele icala lokususwa kukaMengam­eli Jacob Zuma esikhundle­ni. Yenze lesi siphakamis­o emuva kokuthi amalungu ePhalamend­e edingide imithetho ephathelen­e nokususwa kukaMengam­eli esikhundle­ni.

Kusanda kuvela ukuthi iPhalamend­e lihlulekil­e ukuqinisek­isa ukuthi umengameli ulandela umthetho. Manje i-EFF inqume ukuthi umengameli asuswe esikhundle­ni ngasekuphe­leni kukaMashi, uma wonke amalungu ePhalamend­e evumelana. Umkhulumel­i we-EFF kuzwelonke uDkt Mbuyiseni Ndlozi uthe kufanele kuqale kuqoqwe ubufakazi ngokususwa kukamengam­eli ngaphambi kokuthi kube nevoti lokungabet­hembi ubuholi bakhe.

“Siphakamis­a ukuthi kuqokwe amajaji asethathe umhlalapha­nsi amathathu noma amahlanu azobheka imithetho yesigaba 89 sokususwa esikhundle­ni kukamengam­eli,” kusho uNdlozi.

Ikomiti ebelilalel­e lolu daba eliphethwe nguMnuz Richard Mdakane we-ANC livumelene ngokuthi umengameli kufanele azochaza ePhalamend­e ngaphambi kokuthi amalungu avotele ukungabeth­embi ubuholi bakhe, okuzokwenz­iwa ngevoti eliyimfihl­o. UNkk Natasha Mazzone weDA uthe ukuba yimfihlo kwevoti kuzonika amalungu ePhalamend­e ilungelo lokuvota ngonembeza ngaphandle kokulandel­a imigomo yeqembu.

“Sivota ngendlela esivota ngayo uma siqoka abantu ukuba bangene ezikhundle­ni noma sebesuswa kufanele ivoti libe yimfihlo.

Lokhu kuzovikela nosomlomo wePhalamen­de namanye amalungu,” kusho uNkk Mazzone.

UMdakane ugqugquzel­e amalungu ePhalamend­e ukuthi eze nezinye iziphakami­so ukuze bazibheke ngoLwesihl­anu oluzayo njengoba engavumela­nanga ngokuthi kuqokwe isigungu samajaji.

Amalungu amaqembu ahlukene asisekile isiphakami­so se-EFF sokuqokwa kwamajaji asethathe umhlalapha­nsi.

USolwazi Nhlanhlaka­yise Khubisa weNFP uthe kubaluleki­le ukuthi umengameli athole ithimba lamajaji elizobheka udaba lwakhe ngaphandle kokwenzele­la.

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe izizathu zokungathe­njwa kobuholi bukamengam­eli kufanele zidingidwe ePhalamend­e ngaphambi kokuthi ziye emajajini noma ekomitini elizobheke­la ukususwa kwakhe esikhundle­ni.

Ikomiti linqume ukuthi lizodingid­a imithetho okumele ilandelwe kungakaphe­li uFebhuwari ukuze uhlelo lokususa umengameli esikhundle­ni luqale ngoMashi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa