Isolezwe

I-DA ivivela ukwehlisa ngo-50% ukwesekwa kwe-ANC eKZN

- SAMKELO MTSHALI

IDEMOCRATI­C Alliance (DA) KwaZuluNat­al isikuvulil­e ukuqokwa kwabaholi abazongene­la ukhetho lokuhola le nhlangano ngenyanga ezayo. I-DA izimisele ukwehlisa ukwesekwa kwe-ANC kube ngaphansi kuka-50% okhethweni luka-2019.

Ukuphakami­sa abaholi kuvulwe ngoMsombul­uko kanti kuzovalwa ngoMsombul­uko ozayo, izikhundla ezizongene­lwa ngezikasih­lalo, iphini lakhe namaphini amathathu. Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ozongenela ihlandla lesibili, ukwamukele ukuqokwa kwakhe.

Ukukhethwa kobuholi bezifundaz­we kwiDA kwenziwa njalo eminyakeni emithathu. UMncwango uthe amaphini amathathu aqokelwa ukulekelel­a noma ngabe ngubani osuke eqokiwe, awanazo izindawo agxila kuzo asiza ngayo yonke indlela.

“Kubakhona amaphini amathathu anikezwa umsebenzi wubuholi obusha. Izikhundla zawo azithola ngokuvotel­wa kwawo, uma umuntu ethole amavoti amaningi uba yiphini lokuqala, kulandela othole amaningana bese kugcina othole ambalwa oba yiphini lesithathu,” kusho uMncwango.

Yize sekusele amasonto ambalwa ngaphambi kwengqungq­uthela uMncwango uthe akuwona umsebenzi onzima ngoba kudingeka kwesekwe labo abaqokiwe bese kuvotwa.

“Izinhlelo zethu azifani neze-ANC lapho kuyiwa emagatshen­i kodwa sidinga ukuthi kuphakanyi­swe abantu bese besekwa ngothile ukuze umuntu angenele ukhetho,” kusho uMncwango.

Uthe ubuholi obukhona njengamanj­e sebuneminy­aka emithathu.

“Ngesikhath­i singena sasifuna kube khona amakhansel­a eDA kubo bonke omasipala baKwaZulu-Natal. Sikwenzile lokhu ngoba iDA isikhona ezindaweni zasemakhay­a. Sifuna abantu baKwaZuluN­atal babumbane bazi ukuthi iDA ikhona,” kusho uMncwango. “Sikholwa wukuthi okwenzeke eTshwane, eJohannesb­urg naseNelson Mandela Bay kungenzeka KwaZulu-Natal,” kusho uMncwango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa