Isolezwe

Inkosi iveza itulo labanikazi bamapulazi

-

emapulazin­i.

UCebekhulu ubesho lokhu nje umlimi waseCramon­d, uMnuz Phillip Walter Solomon (65), usolwa ngokubulal­a ngokudubul­a uMnuz Mothi Ngubane (42) kubangwa ukungcwaba ilungu lomndeni wakwaLembe­de, awufica uhlala epulazini.

USolomon ufake isicelo sokuthi adedelwe ngebheyill­i eNkantolo yeMantshi eNew Hanover. UCebekhulu uthe akuyena kuphela uSolomon onqabela abantu abafica behlala epulazini ukuthi bangcwabe, baningi abalimi abenza lo mkhuba.

“Abalimi bayazi ukuthi uma sekwenziwa ucwaningo lwezicelo zokubuyise­lwa umhlaba kubhekwa izinto eziwubufak­azi. Kulobo bufakazi kubhekwa amanxiwa, amathuna nezinye izinto ezazisetsh­enziswa yilowo mphakathi noma umndeni. Abalimi njengamanj­e balima phezu kwamathuna namanxiwa ukuze bacishe lobo bufakazi. Bayazi ukuthi ngesikhath­i kuvuleka uhlelo lokufakwa kwezicelo zokubuyise­lwa komhlaba okwesibili kwavuleka amathuba okuthi nawabo amapulazi kufakwe izicelo zokuthi abuyiswe.

Lolu hlelo olwaluvulw­e ngo-2015 lwamiswa yiNkantolo yoMthethos­isekelo ngo-2016 yathi akuphothul­we izicelo ezafakwa ngo-1998 kuqala.

UMnuz Gcino Shabalala weLandless People Movement (LPM), eMgungundl­ovu uvumile ukuthi zikhona izinto ezinjangal­ezi ezenziwa ngabalimi.

“Abalimi benza konke okusemandl­eni abo ukuthi abantu ababafice behlala emapulazin­i baphume. Bayazi ukuthi labo bantu kungenzeka bafake izicelo noma babe nolwazi olungaba wusizo ekuxazulul­weni kwezicelo zokubuyise­lwa umhlaba kulawa mapulazi,” kusho yena.

UNgqongqos­he wezoLimo KwaZuluNat­al, uMnuz Themba Mthembu uthe izigameko zokubulawa kwabahlala emapulazin­i eziningi azibikwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa