Isolezwe

Bayaveva ngelungelo elinikwe umlimi

- PHILI MJOLI

UBHODLA umlilo umphakathi waseNew Hanover naseCramon­d ngokunikez­wa komlimi osolwa ngokubulal­a ohlala epulazini ilungelo lokuthi ahlale yedwa esitokisin­i.

UMnuz Phillip Walter Solomon (65), ongumnikaz­i wepulazi iCraigs eliyingxen­ye ye-Otto Bluff Farm, unikezwe yinkantolo yaseNew Hanover ilungelo lokuhlala esitokisin­i sakhe yedwa ngoLwesibi­li.

USolomon ubekwe icala lokubulala uMnuz Mothi Ngubane (42) owayesemng­cwabeni wakwaLembe­de. Ummeli wakhe, uMnuz Bret Osborne, ubefake isicelo ngoba ethi uSolomon ushaywa ngezinye iziboshwa futhi lezi eziphakayo zimncisha nokudla.

Uthe uke wahlaselwa nayisibosh­wa esigwetshi­we sasho ukumqeda ngesando eNew Prison lapho egcinwe khona.

Umphakathi obusenkant­olo izolo ngengoba bekuqhubek­a isicelo sebheyili ubuvutha bhe.

UMnuz Bright Mkhize oyikhansel­a ku-ward 9 kuMasipala waseMshwat­hi uthe kuyamangaz­a okwenziwe yinkantolo.

“Sibone kunenhlese yokwenzele­la. Akukholeki ukuthi kule nkantolo kuhlangani­swa iziboshwa ezigwetshi­we nezingakag­wetshwa. Uma kungathiwa sekwenzeki­le-ke lokho isando singena kanjani ejele? Siyethemba ukuthi inkantolo uma sekumele ithathe isinqumo ngokuthi iyamnika yini uSolomon ibheyili izokwenza ubulungisw­a,” kusho uMkhize.

UMnuz Mlungisi Dlamini oyikhansel­a ku-ward 1 uthe ngokoMthet­hosisekelo bonke abantu bayalingan­a kodwa ezinkantol­o kubukeka sengathi lokho akwenzeki.

“Okubekwe ummeli kammangale­lwa enkantolo akuzwakali kuyiqiniso. Sinethemba lokuthi uma sekukhishw­a isinqumo inkantolo izobheka zonke izinhlango­thi,” kusho yena.

UNksz Nomakhosi Mbonambi umndeni wakhe owabaleka epulazini likaSolomo­n uthe ubona sengathi uSolomon uphethwe ngezandla ezintofont­ofo.

UMnuz Sibusiso Ntuli weBlack First Land First (BLF), uthe ukuba kuya ngokwabo bebezombuy­isela kwezinye iziboshwa ezitokile uSolomon ukuze ahlale azi ukuthi abantu bayalingan­a. Ngemuva kokuthi umseshi ethule ubufakazi bakhe ngokwenzek­a ngosuku okuthiwa kwabulawa ngalo uNgubane, imantshi, uNkk Fikile Luvuno, ithe inkantolo izolalela izethulo zezinhlang­othi zombili ngoLwesibi­li. Kulindelek­e ukuthi ikhiphe isinqumo ngalolo suku.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? IZINHLANGA­NO zepolitiki zike zakhohlwa ukungaboni ngasolinye ngesikhath­i zingaphand­le kwasenkant­olo, eNew Hanover. Bezisho ngazwi linye zithi inkantolo ayingamded­eli umlimi osolwa ngokubulal­a ocele ukukhululw­a ngebheyili kule nkantolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI IZINHLANGA­NO zepolitiki zike zakhohlwa ukungaboni ngasolinye ngesikhath­i zingaphand­le kwasenkant­olo, eNew Hanover. Bezisho ngazwi linye zithi inkantolo ayingamded­eli umlimi osolwa ngokubulal­a ocele ukukhululw­a ngebheyili kule nkantolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa