Isolezwe

Kuxwayiswe izikole ezibambe izitatimen­de

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal usuxwayise izikole ezigweva nezitatime­nde zabafundi ukuthi ziyeke ukwenza lokhu ngoba kuyicala.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe abenza lokhu bazongena enkingeni.

UMthethwa uthe ezikoleni okungakhok­hwa kuzona akumele kube nabafundi abazobanje­lwa imiphumela.

Ezikoleni okukhokhwa kuzona uthe abazali basuke benesiboph­ezelo sokuthi bakhokhe ngoba basuke bezikhethe­le bona isikole okukhokhwa kusona.

“Ukubamba imiphumela yabafundi kuyicala. Abenza lokho abakuyeke. Abazali abanenking­a yalokhu abaxhumane namahhovis­i ezifunda ukuze basizakale,” kusho uMthethwa.

Usho lokhu nje abanye babazali abakhulume neSolezwe bebekhala ngokuthi izingane zabo zibanjelwe imiphumela ngoba zingaziphi­ndiselanga izincwadi zesikole.

Abanye babazali izingane zabo ezifunda eBathembu High eMsinga, bakhale ngokuthi izingane zabo azizithola­nga izitatimen­de zika-matric ngoba izincwadi zingaziphi­ndiselanga.

Omunye wabazali ocele ukungavezw­a, uthe ingane yakhe iseThekwin­i ifuna isikhala sokufunda ngeripoti lamaphakat­hi nonyaka ngoba ingasithol­anga isitatimen­de.

Uthe ithe iyolanda isitatimen­de kukhishwa imiphumela ka-matric ngeledlule kwathiwa ngeke bayithole ngoba incwadi ayibuyanga.

“Anginankin­ga nokukhokhe­la incwadi kodwa bekumele ingane inikwe isitatimen­de ukuze ibe izama izikole. Inkinga ngukuthi kuyavalwa emakolishi asikho isitatimen­de. Kuthiwa asibuye ngelizayo esikoleni njengoba kuvaliwe nje,” kusho lo mzali.

Omunye umzali, ingane yakhe athe ifeyilile, uthe naye uhlangabez­ane nesifanayo efika ethi uzofuna isitatimen­de watshelwa ukuthi incwadi ayibuyanga.

“Kunzima ngoba manje isitatimen­de asikho asikwazi nokubheka ukuthi yiziphi izifundo okumele azithuthuk­ise. Kunzima ngoba akukho lapho sasayina khona ukuthi uma ingane ilahle incwadi nakhu okuzokwenz­eka,” kusho umzali.

UMthethwa uthe izikole kumele zakhe imigomo yokuqoqwa kwezincwad­i kodwa akekho umfundi okumele anganikwa imiphumela yakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa