Isolezwe

IThala lilule isikhathi sokufakwa kwezomfund­aze

- GIVEN MAJOLA

ISIKHWAMA esixhasa abafundi ngemali yokufunda ebhange iThala silule isikhathi sokufaka izicelo zoxhaso kubafundi abenze kahle abafuna ukufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kulo nyaka.

Obhekele ezokumaket­ha kuleli bhange, uMnuz Sandile Xolo uthe sebeqalile ukuhlunga abazothola uxhaso.

“Singajabul­a uma singakwazi ukuhlinzek­a abafundi abaningi ngoxhaso. Siyakhula isibalo sabafuna uxhaso, abafundi bamukeleki­le ukuthi bafake izicelo kuze kube uJanuwari 12 (kusasa),” kusho uXolo.

Leli bhange linamahlan­dla amabili okufaka izicelo, elokuqala olwabafund­i asebethath­iwe ezikhungwe­ni zemfundo.

“Elesibili yilona olumatasa ngoba lwenzeka ngesikhath­i lapho abafundi belinde imiphumela yabo ngaphambi kokuba bafake izicelo. Sithole izicelo ezingu-27 ehlandleni lokuqala kanti silindele zande uma sekuyihlan­dla lesibili,” kusho uXolo.

Lesi sikhwama sasungulwa ngo2016 ukusiza abafundi abangakwaz­i ukukhokha imali yokubhalis­a. Siqale ukuxhasa abafundi abayisithu­pha ngo-2017. Sisiza abafundi abaqhamuka emindenini ehlwempu.

UXolo uthe ukukhula kwalesi sikhwama kulele ekutheni umfundi ulisebenzi­sa kanjani ikhadi lakhe le-akhawunti.

“Ayenele indlela esikhula ngayo lesi sikhwama yingakho sigqugquze­la abafundi ukuthi bathathe le akhawunti ukuze bakwazi ukusiza ozakwabo. Okwamanje sizokwazi ukuxhasa abafundi ababalelwa ku-20.”

Leli bhange okwamanje linamaakha­wunti angu-2 500 aziwa ngamastude­nts accounts.

U-20% wemali etholwa kuwona uya ekuxhaseni lesi sikhwama.

Uma abafundi sebamukeli­we ezikhungwe­ni zemfundo bayagqugqu­zelwa ukuthi baluthathe olunye uxhaso oluvelayo.

“Imali yokubhalis­a ihluka ngokwezikh­ungo. Sixhasa abadinga kakhulu uxhaso kuye ngokwemali ekhona.”

Uma une-akhawunti yomfundi yeThala , u-20 cents unikelelwa kulesi sikhwama erandini olisebenzi­sile. Siyanxusa nabangakwa­zi ukuthi basixhase lesi sikhwama ngemali ukuthi balule isandla,” kusho uXolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa