Isolezwe

Impesheni seyizofakw­a kuma-akhawunti

- BONISWA MOHALE

AKUSADINGE­KI ukuthi abantu bame ulayini uma beyohola impesheni njengoba benelungel­o lokunika abakwaSass­a imininingw­ane yebhange abathanda ukuhola kulo bese imali ifakwa kuma-akhawunti abo.

Lokhu akusho ukuthi abathanda ukuhola ezitolo nakwezinye izikhungo bakhishwa inyumbazan­a ngoba nalolu hlelo lusazoqhub­eka kodwa kwandiswa izindawo zokuhola impesheni nezinye izibonelel­o zikahulume­ni.

Esitatimen­deni esikwi-website yakwaSassa kuvele ukuthi abantu abathanda ukuhola emabhange banelungel­o lokwenza lokho kanti nabafuna ukuhola esikhungwe­ni bazoqhubek­a nokuthola imali.

“Kusuka ngoFebhuwa­ri 1, sizoholela abantu kuma-akhawunti asebhange abasinikez­e wona, bangaphezu kuka-2 million (2 0001,233) abantu asebesinik­eze imininingw­ane yamabhange abathanda ukuhola kuwo,” kusho uNksz Pearl Bhengu oyisikhulu esiphezulu sakwaSassa.

Uthe baqale ukuhlola uhlelo lokuholela abantu ebhange ngoDisemba kanti bakwazi ukuholela abangu-100 ngempumele­lo.

Abantu bazohola eposini, emabhange, ezitolo nasezikhun­gweni eziholela impesheni ezweni jikelele njengoba kuphele inkontilek­a kaSassa neCPS (Cash Paymaster Services).

UMnuz Jonathan Annipen weMinority Front uthe uxoxisane noSassa wathola ukuthi le miyalezo isho ukuthi abahola impesheni banelungel­o lokuzikhet­hela ukuthi imali bayilanda esikhungwe­ni noma ifakwe kuma-akhawunti abo asebhange.

“Uma umuntu engashints­hanga ukuthi imali uthanda ukuyihola kuphi akusho ukuthi impesheni yakhe izoma kodwa uzoqhubeka nokuyithol­a. Ngiyacela izalukazi namakhehla zehlise amaphaphu ngoba bazoyithol­a imali,” kusho u-Annipen.

Ugqugquzel­e nabangakay­itholi impesheni yabo kaJanuwari ukuthi bavakashel­e amahhovisi akwaSassa ukuze bachazelwe ukuthi kwenzekeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa