Isolezwe

Abasebenza ezindlini abanyuselw­e imiholo: Neasa

- BONISWA MOHALE

INATIONAL Employers Associatio­n of South Africa (Neasa) ikhumbuze bonke abaqashi abaneziseb­enzi zasendlini ukuthi bazinyusel­e imali yeholo njengoba uNgqongqos­he wezabaSebe­nzi, uNkk Mildred Oliphant, ememezele ukuthi mabahole imali ethe xaxa kulo nyaka.

Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus, sithe abasebenzi basezindli­ni eCape Town, Pitoli, Gauteng nakwabanye omasipala okuhlala khona omacaphuna­kusale bazohola u-R2 545.22 ngenyanga uma besebenza amahora angu-45 enyangeni.

Ngesonto kufanele bahole u-R587.40 no-R13.05 ngehora.

Ngo-Agasti wonyaka odlule uNkk Oliphant ubeseThekw­ini ukuzoxoxa nabasebenz­i basezindli­ni ngohlelo lokubanyus­ela amaholo oluqala kule nyanga.

Abasebenzi basezindli­ni komasipala abakhulu KwaZulu-Natal bona kufanele bahole u-R11.89 ngehora, kube wu-R534.91 ngesonto no-R2 317.75 ngenyanga.

Abasebenza amahora angu-27 ngenyanga komasipala abakhulu eGauteng, Western Cape, Eastern Cape, North West naseFree State kufanele bahole u-R15.28 ngehora, baholelwe u-R412.60 ngesonto bese behola u-R1 787.80 ngenyanga.

KwaZulu-Natal nakomasipa­la abancane baseNingiz­imu Afrika abasebenzi basezindli­ni abasebenza amahora angu-27 ngenyanga bazohola u-R14.03, ngesonto baholelwe u-R378.83 bese ngenyanga beholelwa u-R1 641.48.

UPapenfus uthe kubaluleki­le ukuthi abaqashi bayilandel­e imithetho yabasebenz­i ngoba ungqongqos­he wezabasebe­nzi ushicilele isaziso sokuthi abasebenzi basezindli­ni bakhushule­lwe imali ngoDisemba 15.

“Sikhumbuza abaqashi ukuthi bafake uchatha emiholweni yabasebenz­i basezindli­ni ngokuyalel­wa wuNgqongqo­she wezabaSebe­nzi. Kufanele babe nomholo omusha njengoba kuqala unyaka,” kusho uPapenfus.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa