Isolezwe

Kuxwayiswa ngamaqola adayisa izimoto

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal axwayisa abantu ngezigeben­gu ezidayisa izimoto ngokufaka izikhangis­ho emaphephan­dabeni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ezibaqola imali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseMgungun­dlovu abika ukuthi ayenyuka amacala avulwayo ngokuqolwa kwabantu abasuke bebone izikhangis­o zezimoto ezidayiswa­yo.

Uthe abagilwa babona lezi zikhangiso bese befaka imali yokubekisa imoto ngaphandle kokubona imoto noma ukubheka ezinye izinto, ukwenza isiqinisek­o sokuthi imoto bazoyithol­a ngempela.

“Ecaleni lakamuva, umgilwa ufake imali engu-R13 800 kwiakhawun­ti ethenga iToyota Run X ebikhangis­iwe. Ngesikhath­i umgilwa esebona imoto ingalethwa ubuzile, wathola ukuthi le nkampani ebiyidayis­a ayikho futhi ubeqolwa,” kuchaza uZwane.

Uthe amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi uqaphele uma uthenga izinto ezidayiswa kwiinterne­t noma emaphephan­dabeni.

“Abantu kumele baqikelele ukuthi bayabheka ukuthi lokhu okudayiswa­yo kukhona ngempela nokuthi inkampani edayisayo eyangempel­a yini, ngaphambi kokuthi bafake imali. Abantu abenza lo mkhuba bafaka ingcindezi kwabatheng­ayo ukuthi baqale bafake imali kwiakhawun­ti, batshelwe ukuthi baningi abantu abasuke beyifuna le mpahla edayisayo,” kuchaza uZwane.

Uthe ngenxa yokuthi abagilwa basuke beyifuna le mpahla bayakwenza lokhu kanti sebeyaqolw­a. UZwane uthe osolayo ukuthi uyaqolwa uma ethenga into ayibone ikhangiswa, uyanxuswa ukuthi athinte amaphoyisa enombolwen­i yokubika ubugebengu u-086 001 0111.

Amaphoyisa aphinde axwayisa abashayeli bezimoto zakwa-Uber ngokwenyuk­a kwezigamek­o zokudunwa kwalezi zimoto eThekwini nezindawo ezakhelene naleli dolobha.

UZwane uthe esigamekwe­ni sakamuva umshayeli wakwa-Uber ubeyoshiya umgibeli eGreewood Park ngesikhath­i ehlaselwa ngabasolwa abathathu abebelinde imoto yakhe.

Uthe umshayeli udutshuliw­e walimala, kwathathwa imoto. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala nelokuduna eGreenwood Park.

UZwane uthe banxusa abashayeli bakwa-Uber ukuthi baqaphele uma behambisa noma beyolanda abagibeli ezindaweni ezehlukene.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa