Kufunwa ‘inkabi’ yaseGlebelands esekubhaceni
KUFUNWA okuthiwa “uyinkabi” eyingozi, ngamacala okubulala nawokuzama ukubulala ehostela laseMlaza, iGlebelands.
UMnuz Bongani Mbhele (34) sekukhishwe incwadi yasenkantolo egunyaza ukuboshwa kwakhe kodwa akatholakali, kusolwa ukuthi ubhacile.
Umsolwa ufunwa ngecala lokuzama ukubulala elenzeka ehostela ngoSepthemba 30 ngo-2016. Kulesi sigameko umsolwa kuthiwa wazama ukubulala owesilisa oneminyaka engu-32 kuBlock 52.
Lo wesilisa okuthiwa ubeyilungu lekomiti lezokuphepha kuleli hostela wambona umsolwa emdubula.
Lo wesilisa wayeyolanda amanzi okugeza ngo-5.30 ekuseni, umsolwa emcuthele endleleni ayehamba ngayo. Lo wesilisa walimala ebusweni. Wakwazi ukubaleka, wathola abamphuthumisa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, unxuse abantu ukuthi uma kwenzeka behlangana nomsolwa bangasondeli kuyena kodwa bathinte amaphoyisa ngokushesha ngoba uyingozi.
“UMbhele ufunwa ngecala lokuzama ukubulala owesilisa ehostela iGlebelands. Ngaphandle kwalelo cala kunamanye amacala okubulala nawokuzama ukubulala ehostela afunelwa wona. Kuyaziwa ukuthi umsolwa uhlomile futhi uyingozi kakhulu. Inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe kodwa akatholakali. Noma ubani obona umsolwa sicela athinte umphenyi uWarrant Officer Bonginkosi Ngcobo ku-079 5000 694 noma ku-083 477 6690 ngokushesha,” kusho uZwane.
Kufunwa umsolwa nje kunabanye abasatokile ababoshelwe amacala aseGlebelands, lokhu kwenzeke emuva kokuba kuneminyaka kungekho ababoshwayo ngenqwaba yamacala okubulala enzeke kuleli hostela. Uyedwa kuphela umuntu oseke wagwetshwa ngamacala akuleli hostela yize sebebalelwa ngaphezulu kuka-100 abantu asebebulewe. Amaphoyisa athe asazoqhubeka nokubopha abanye abasolwa njengoba kukhona umkhondo awulandelayo.