Isolezwe

Kufunwa ‘inkabi’ yaseGlebel­ands esekubhace­ni

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUFUNWA okuthiwa “uyinkabi” eyingozi, ngamacala okubulala nawokuzama ukubulala ehostela laseMlaza, iGlebeland­s.

UMnuz Bongani Mbhele (34) sekukhishw­e incwadi yasenkanto­lo egunyaza ukuboshwa kwakhe kodwa akatholaka­li, kusolwa ukuthi ubhacile.

Umsolwa ufunwa ngecala lokuzama ukubulala elenzeka ehostela ngoSepthem­ba 30 ngo-2016. Kulesi sigameko umsolwa kuthiwa wazama ukubulala owesilisa oneminyaka engu-32 kuBlock 52.

Lo wesilisa okuthiwa ubeyilungu lekomiti lezokuphep­ha kuleli hostela wambona umsolwa emdubula.

Lo wesilisa wayeyoland­a amanzi okugeza ngo-5.30 ekuseni, umsolwa emcuthele endleleni ayehamba ngayo. Lo wesilisa walimala ebusweni. Wakwazi ukubaleka, wathola abamphuthu­misa esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, unxuse abantu ukuthi uma kwenzeka behlangana nomsolwa bangasonde­li kuyena kodwa bathinte amaphoyisa ngokushesh­a ngoba uyingozi.

“UMbhele ufunwa ngecala lokuzama ukubulala owesilisa ehostela iGlebeland­s. Ngaphandle kwalelo cala kunamanye amacala okubulala nawokuzama ukubulala ehostela afunelwa wona. Kuyaziwa ukuthi umsolwa uhlomile futhi uyingozi kakhulu. Inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuba aboshwe kodwa akatholaka­li. Noma ubani obona umsolwa sicela athinte umphenyi uWarrant Officer Bonginkosi Ngcobo ku-079 5000 694 noma ku-083 477 6690 ngokushesh­a,” kusho uZwane.

Kufunwa umsolwa nje kunabanye abasatokil­e ababoshelw­e amacala aseGlebela­nds, lokhu kwenzeke emuva kokuba kuneminyak­a kungekho ababoshway­o ngenqwaba yamacala okubulala enzeke kuleli hostela. Uyedwa kuphela umuntu oseke wagwetshwa ngamacala akuleli hostela yize sebebalelw­a ngaphezulu kuka-100 abantu asebebulew­e. Amaphoyisa athe asazoqhube­ka nokubopha abanye abasolwa njengoba kukhona umkhondo awulandela­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa