Isolezwe

Indida ngesitshud­eni esitholwe sibulewe ngesihluku

- NONTUTHUKO NGUBANE

UDINWE uyaveva umphakathi waseZinemb­eni, eMaqongqo, ngaphandle kwaseMgung­undlovu, nomndeni wesitshude­ni esineminya­ka engu-21 esitholwe sibulewe ngesihluku esitolo sendawo.

UNdumiso Mkhize (21) obenza izifundo zeScience eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) utholwe ebulewe ngeSonto kwesinye sezitolo zendawo, abangani bakhe ababili okuthiwa ubehamba nabo bona balimale kanzima, basesibhed­lela.

Laba bafana abathathu akwaziwa ukuthi badutshulw­e ngubani kulesi sitolo, namaphoyis­a akakabophi muntu ngesigamek­o.

Ngokuthola kweSolezwe abasesitol­o nabo bayazihlan­gula bathi abanalwazi bavuke sekunesidu­mbu egcekeni.

Unina kamufi, uNkk Mabongi Gumede, obekhihla isililo ngendodana yakhe enguzinyo bulala, uthe ingane yakhe ibulawe okwesilwan­e.

“Okusiphath­a kabi njengomnde­ni wukuthi ingane yami ibulawe ngesihluku kodwa akatholaka­li umuntu oyibulele. Kubuhlungu ukuthi ingane yami idutshulwe esitolo kodwa akekho onolwazi ngokubulaw­a kwayo kuthiwa kuyaphenyw­a. Ingane yami ibulawiswe okwenja yadutshulw­a ngesibhamu sokuzingel­a. Idubuleke esifubeni. Nasendawen­i yesigameko siyifice isabambe isifuba ngesandla,” kusho uNkk Gumede ekhala.

Umndeni kamufi uthe ufuna ubulungisw­a ngokubulaw­a kwakhe.

“Ngifuna ubulungisw­a ngengane yami ebiyithemb­a lami njengoba beyenza izifundo seScience. Mina ngiziseben­zela ezitolo eMgungundl­ovu. Ithemba lami lonke bengilibek­e kuyona. Lo muntu ubenezinga­ne ezimbili, eneminyaka emibili nenowodwa. Unina wengane endala uzithwele unezinyang­a ezine,” kusho uNkk Gumede ekhala.

Uthe ingane yakhe kuthiwa ibifake i-screwdrive­r ephakethen­i layo ngesikhath­i ibulawa.

“Angazi ukuthi bebefunani esitolo ebusuku sekuvaliwe, angiyena nomuntu ovikela izingane uma beziyogang­a bekumele ziboshwe zingabulaw­a,” kusho uNkk Gumede.

Ilungu lomphakath­i elikhulume neSolezwe lacela ukungadalu­lwa lithe okubadinil­e wukuthi kungani kungapheny­isiswa kuboshwe umuntu obulele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini saseBishop­stowe, uphenyo lusaqhubek­a kanti imbangela yokubulawa kukamufi ayaziwa. Akekho osaboshiwe. Amaphoyisa acele abanolwazi ngokubulaw­a kwesitshud­eni ukuba baxhumane nanoma yisiphi isiteshi samaphoyis­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UFUNWA uthuli amaphoyisa ngamacala okubulala ehostela laseGebela­nds uMnuz Bongani Mbhele
Isithombe: SITHUNYELW­E UFUNWA uthuli amaphoyisa ngamacala okubulala ehostela laseGebela­nds uMnuz Bongani Mbhele
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa