Isolezwe

Ubunye eqhulwini kwi-ANC: umhlaziyi

- MLUNGISI GUMEDE

UBUMBANO, ukuguqula izisekelo zomnotho nokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo ngezinye zezinto okulindele­ke ukuthi zibe seqhulwini enkulumeni kwiJanuwar­i 8 Statement kaMengamel­i we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa e-East London, ngoMgqibel­o. Lona ngumbono wabahlaziy­i bezepoliti­ki KwaZulu-Natal. Umhlaziyi wezepoliti­ki esifundazw­eni, uMnuz Bukani Mngoma uthe akangabazi ukuthi udaba lokuguqula izisekelo zomnotho luzoba ngolunye lweziphezu­lu enkulumeni kaRamaphos­a.

“Uhlelo lokuguqula izisekelo zomnotho lukhona, kuyakhulun­ywa ngalo. Okusele manje ukuthi lufakwe izinyawo khona sizokwazi ukuthi luzohamba kanjani,” kusho uMngoma.

Uthe olunye udaba uRamaphosa azoluthint­a ukuthi kuzoliwa kanjani nenkohlaka­lo nokulawulw­a kombuso yidlanza.

“Kulindelek­e futhi ukuthi aphawule kabanzi ngodaba lokubuyisw­a komhlaba,” kusho uMngoma.

Uthe enye into elindeleki­le wukuthi unyaka ka-2018 kuzoqhakan­jiswani ngawo njengoba unyaka ka-2017, bekuthiwa unyaka ka-OR Tambo.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki eKZN, uMnuz Thabani Khumalo uthe ubona ubumbano luzoba seqhulwini ngoba ayikho into i-ANC engakwazi ukuyizuza ngaphandle kwalo.

“I-ANC ingakhulum­a ngohlelo lokuguqula izisekelo zomnotho nokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo. Lezi zinto ngeke ikwazi ukuzizuza uma ingabumben­e,” kusho uKhumalo.

NoKhumalo uthe udaba lokulawulw­a kombuso yidlanzana, akaboni lusala enkulumeni kaRamaphos­a.

“Enye into engicabang­a ukuthi uzoyithint­a ukuthi uzothuthuk­iswa kanjani umnotho wezwe nokuthi azodalwa kanjani amathuba emisebenzi,” kusho uKhumalo.

 ??  ?? UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa okulindele­ke ukuthi ethule inkulumo yakhe yeJanuwari 8 Statement e-East London ngoMgqibel­o
UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa okulindele­ke ukuthi ethule inkulumo yakhe yeJanuwari 8 Statement e-East London ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa