Isolezwe

Umdwebi wophawu lwe-ANC nethemba ngokubuya kwesithunz­i

- KHAYA KOKO

UMENGAMELI we-ANC ongasekho owabusa isikhathi eside, uMnuz Oliver Tambo ngo1983, wayalela abantu abathathu ukuthi benze kabusha uphawu lwenhlanga­no.

Ngokusho komunye wabantu abanikwa lo msebenzi, uMnuz Oupa Mokou, uTambo wayefuna ukuthi benze uphawu olunesithu­nzi futhi enesigqi. Engxoxweni ne-Independen­t Media, uMokou uthe isithombe sendoda ephethe umkhonto nehawu kwakumele basishints­he, benze uphawu oluzohambi­sana nawo wonke umuntu.

Uphawu lwe-ANC lwendoda ephethe umkhonto nehawu isasebenza namanje kodwa selusetshe­nziswa uMkhonto weSizwe.

UMokou uxoxe indaba lapho eke waphelezel­a uTambo beya eLondon besuka eLusaka. Uthi wayemphath­ele into ethize okwakungam­ela ayiphathe.

“Kodwa ngeke ngize ngisho ukuthi yini leyo engangiyip­hethe,” kusho uMokou, owenza izifundo zokudweba e-England exhaswe yi-ANC. Uthi watshelwa uTambo besebhanoy­ini ukuthi kumele asebenzise ikhono lakhe ukwenza uphawu oluzoguqul­a isithombe senhlangan­o.

Echaza ngophawu lwenhlanga­no, uMokou uthe: “Umbala wenhlangan­o omnyama, oluhlaza noyigolide, umele abantu base-Afrika, umhlaba nezokumbiw­aphansi.”

Uthe amasondo asophawini akhombisa ubumbano, umkhonto umele impi yabo eyayibheki­swe kuhulumeni wengcindez­elo, ihawu limele ukuzivikel­a.

UMokou ubekhuluma nephephand­aba elisesiteb­eleni sinye neSolezwe, i-The Star engqungqut­heleni yenhlangan­o eNasrec, eGoli. Uthe isithunzi senhlangan­o silimele eminyakeni engu 10, edlule.

“Bengiyingx­enye yengqungqu­thela yomakadebe­bona be-ANC ebiseBoksb­urg Ekurhuleni ngo-Okthoba, ngaphinde ngaba yingxenye yengqungqu­thela yokubonisa­na ebingoNove­mba eGoli. Kuzona zombili lezi zingqungqu­thela, omakadebeb­ona bakugcizel­ela ukuthi ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma buyasilima­za isithunzi senhlangan­o,” kusho uMokou.

Uthe ukholwa ukuthi ukuqokwa kukaMnuz Cyril Ramaphosa abe ngumengame­li omusha wenhlangan­o kuzowuvuse­lela umbutho.

“Ngosuku uRamaphosa amenyezelw­a ngalo ukuba umengameli omusha, ngangisenx­anxathelen­i yezitolo ngasekhaya eWonder Park, eTshwane ngigqoke ikepisi nesikibha kukaCR 17. Uyazi kwenzakani? Abantu abahlanu engingabaz­i beza kimi bezongibin­gelela bethi qabane, qabane,” kusho uMokou. Uthe lokho kwamkhombi­sa ukuthi manje sesiyaqala ukubuya isithunzi se-ANC.

 ?? Isithombe: Itumeleng English/African News Agency (ANA) ?? UMDWEBI wophawu lwe-ANC uMnuz Oupa Mokou
Isithombe: Itumeleng English/African News Agency (ANA) UMDWEBI wophawu lwe-ANC uMnuz Oupa Mokou

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa