Isolezwe

Bakhale ngesikhath­i kolwekhomi­shini

- MHLENGI SHANGASE

NAKUBA kwamukelwe ukumenyeze­lwa kwekhomish­ini ezophenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana okwenziwe nguMengame­li Jacob Zuma kodwa kunesikhal­o ngokuthi sesiside isikhathi kulindwe ukuqokwa kwayo.

Le khomishini izoholwa yiJaji Raymond Zondo, eliyiphini likamengam­eli wamajaji kuleli.

Owayengumv­ikeli womphakath­i, u-Advocate Thuli Madonsela uthe nakuba ekwamukela ukuqokwa kwale khomishini kodwa ukhathazek­ile ngokuthi sekuphele isikhathi eside ingaqokwa. UZuma wenze lesi simemezelo ngoLwesibi­li ebusuku wathi ufuna uhulumeni abonakale njengolwa nenkohlaka­lo.

“Ngijabule ukuthi ugcine eyiqokile ikhomishin­i nakuba sesiside isikhathi siyilindil­e. Njengoba sesiside isikhathi kungenzeka obunye ubufakazi bungabe busatholak­ala. Ubufakazi bamaselula buhlala isikhathi esikaliwe ngakho angazi noma buzobe busatholak­ala yini.”

UZuma uthe ufune igama lomuntu ozohola le khomishini kumengamel­i wamajaji kuleli uMogoeng Mogoeng.

Uthe ufuna le khomishini ingashiyi lutho lapho kunezinsol­o zenkohlaka­lo khona.

“Ngiyazi umvikeli womphakath­i wakhala ngendaba yokushoda kwezinsiza zokwenza uphenyo, ngithemba ukuthi ikhomishin­i izofinyele­la kuzona zonke izindawo. Ngiyawathe­mba amajaji ukuthi azowenza ngokungenz­eleli,” kusho uZuma.

U-Adv Madonsela wayalela uZuma ukuthi asungule ikhomishin­i ukuze kuphenywe ngezinsolo abhekene nazo ngobudlelw­ano anabo nomndeni wakwaGupta.

Izinhlanga­no ezilwa nenkohlaka­lo i-Outa neCorrupti­on Watch bakwamukel­e ukuqokwa kwekhomish­ini kodwa bakhala ngokuthi kumele engabe kade yaqokwa.

I-Outa ithe uZuma uqoke le khomishini ngemuva kwezinyang­a ezingu-14, u-Adv Madonsela akhipha umbiko othinta ukulawulwa kombuso yidlanzana.

Okhulumela iSACP, uMnuz Alex Mashilo uthe sekuyisikh­athi sokuthi uZuma ehle esikhundle­ni ngoba ngeke anqume ukuthi yiziphi izinto ezizopheny­wa yikhomishi­ni ngoba uyathintek­a.

Uthe ingqungqut­hela ye-ANC ngoDisemba yathi ayisheshis­we le ndaba ekubeni uZuma waya enkantolo efuna kubuyekezw­e isinqumo senkantolo iNorth Gauteng High eyayimnqum­ela izinsuku ezingu-30 ukuthi asungule ikhomishin­i.

I-DA ifuna uphenyo lwekhomish­ini lufake ubudlelwan­o uMengameli anabo nomndeni wakwaGupta, ukusebenzi­sana kwezinkamp­ani zalo mndeni kanjalo nezingapha­nsi kukahulume­ni, ukulawulwa kwezikhung­o zikahulume­ni okuyiSars, NPA noKlebe kanjalo nazo zonke izinsolo ezisembikw­eni ka-Adv Madonsela.

UNgqongqos­he wezamaBhiz­inisi kaHulumeni uNksz Lynne Brown, ukwamukele ukuqokwa kwekhomish­ini.

UZondo ohola ikhomishin­i wazalelwa eXobho, KwaZulu-Natal ngo1960. Uneziqu iB Juris azithola enyuvesi yaseZulula­nd nezimbili azithola e-UKZN nase-Unisa.

Uke wasebenza eLabour Court ngo1997, waba ngumengame­li wamajaji kule nkantolo ngo-2000.

Ngo-2011 ubambe njengejaji eNkantolo yoMthethos­isekelo kwathi ngo-2017, uZuma wamqoka waba yiphini likaMogoen­g evala isikhala sejaji elathatha umhlalapha­nsi uDikgang Moseneke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa