Isolezwe

Baboshiwe nezibhamu ezingekho emthethwen­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIBAKHALEL­E bephethe izibhamu ezingekho emthethwen­i abasolwa abathathu abasolwa ngokuba ngongqondo­ngqondo ekugqekezw­eni kwezindlu eThekwini.

Uphiko lweDurban Flying Squad lusebenzis­ane nenkampani yonogada izolo bajaha laba basolwa abebehamba ngeToyota Fortuner emhlophe.

Abasolwa abaneminya­ka ephakathi kuka-27 no-28 bebehamba emgwaqweni uNorth Coast ngesikhath­i amaphoyisa ethola ulwazi ngale moto esolisayo.

Bajahiwe abasolwa, bavela bavulela ngenhlamvu bebhekise konogada nasemaphoy­iseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe abasolwa bazobhekan­a necala lokuzama ukubulala, elokutholw­a nezibhamu ezingekho emthethwen­i nelokuthol­wa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.

“Ngesikhath­i abasolwa bedubula, amaphoyisa nawo adubulile. Umsolwa oyedwa udubulekil­e walimala. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a. Abanye abasolwa ababili baboshiwe. Kutholwe izibhamu ezintathu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i. Imoto abebehamba ngayo kutholwe ukuthi yabikwa e-Eastern Cape ukuthi yebiwe,” kusho uZwane.

Abasolwa batholwe nezinto zasendlini okubalwa kuzo ithelevish­ini, ubucwebe, i-laptop, umsakazo wamaphoyis­a wokusebenz­a okuthiwa bebelalela kuwo ukuthi amaphoyisa asebenza kanjani, izimpahla zokugqoka nokunye.

Izibhamu ezitholwe kubasolwa y i-.38 revolver nezibhamu ezimbili ezincane. Lezi zibhamu zizohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenz­iswe kwezinye izigameko zobugebeng­u esifundazw­eni. Ngokusho kukaZwane abasolwa kulindelek­e bevele eNkantolo kaMantshi yaseThekwi­ni. Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZuluNat­al, uMajor General Bheki Langa, lishayele amaphoyisa ihlombe ngokuthola izibhamu kubasolwa.

“Ngazixwayi­sa izigebengu ukuba zingawadub­uli amaphoyisa uma efuna ukuzibopha ngoba amaphoyisa azoziphind­iselela uma ehlaselwa. Sizobheka nokuthi laba basolwa ababoshiwe abafunelwa yini amanye amacala enzeke eThekwini,” kusho uLanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa